Ukwenza ukuba livikeleke elaseRiphabhlikhi nezindaba eziphathelene nalo.
Izincazelo 8 Imigomo...
Indlela owakhiwe ngayo uMbutho kaZwelonke wezokuVikela waseNingizimu Afrika..
Okufanele kubonelelwe 23 Ukweba olwandle...
Inqubo yokubhekana nezikhalo 49 Ukuhlonishwa kweziNkolo ezehlukene eMbuthweni wezokuVikela...
Ukuqondiswa kwezigwegwe 50 Ukukhethwa kwezindawo zokuqeqeshwa...
Ababizwe yiBhodi 55 Ukufaka isicelo sokubuyekezwa kodaba nguNgqongqoshe...
x "UMkhakha" usho noma imuphi umkhakha woPhiko lokwezokuVikela noma uMbutho wezokuVikela owasungulwa uNgqongqoshe ngaphansi koMthetho 103 ka 1994 wabasebenzi bakaHulumeni, Proclamation No.
a Ukwakhiwa nokusetshenziswa kwemigomo yezokuVikela kungaphansi koMthetho kaHulumeni kanye nesiGungu sikaZwelonke Esiphethe.
b Inhloso esemqoka yoMbutho wezokuVikele wokuVikela iRiphabhlikhi, ukuhlonishwa kwendawo engaphansi kwayo kanye nabantu bayo.
c UMbutho wezokuVikela kufanele wenze uMsebenzi wawo ngokuhambisana noMthethosisekelo kanye neMithetho yamazwe ohlaba esingethe.ukusebenziswa kodlame.
d UMbutho wezokuVikela kufanele ukwazi ukuzivikela futhi ube sesimeni esifanele.
e Akukho lungu loMbutho wezokuVikela okufanele lenze elikutshelwayo kepha okungekho eMthethweni.
f UMbutho wezokuVikela namalungu awo awuvumelekile ukuthi uma wenza imisebenzi yawo uthikameze ilungelo leqembu lezepolitiki eliseMthethweni ngokoMthethosisekelo, noma ngandlela thize uthuthukise izinhloso zeqembu lombangazwe ngandlela thize.
g UMbutho wezokuVikela kufuneka uwahloniphe amalungelo asemqoka nesithunzi samalungu awo nesabo bonke abantu.
a Kuwonke amalungu oMbutho wezokuVikela nemisebenzi eyimixhantela yawo, nakubo bonke abasebenzi noma ngabe basebenza ngaphakathi noma ngaphandle kweRiphabhlikhi; kanye b Nanoma yibaphi abantu okuthi ngemvume yeziphathi mandla eziphethe nezithintekayo kulolondaba kube baseMbuthweni wezokuVikela ngesikhathi bengaphandle kwemingcele yase Riphabhikhi.
Uma kwenzeka kuba khona ukungahambisani phakathi kwaloMthetho neminye imiThetho ngaphandle koMthethosisekelo ebisisebenza ngesikhathi kuqalwa loMthetho, loMthetho uyosebenza.
Ngokwesigaba 202 no 204 soMthethosisekelo, amandla anikwa uNobhala wezokuVikela noMkhuzi woMbutho wezokuVikela ngokwaloMthetho kufanele asetshenziswe ngokuhambisana nezinqumo zikaNgqongqoshe.
UNgqongqoshe kungathi ngokwemithetho esingethe abasebenzi bakahulumeni , aqashe inani labantu abadingekayo elizogcwalisa izikhundla ezikhona oPhikweni lwezokuVikela njengoba kudingeka.
Yize kunesigaba 2 uma amalungu oMbutho wezokuVikela efuna, angabekwa ezandleni zikaNobhala wezokuVikela ukuze angene ezikhundleni zoPhiko lwezokuVikela.
Amalungu oMbutho wezokuVikela asezikhundleni zoPhiko lwezokuVikela kufuneka ayilalele yonke imiThetho yabawaphethe oPhikweni lwezokuVikela kanye neziphathimandla eziphakeme.
UMongameli kufanele kuthi ngokulandela imiThetho esingethe imisebenzi kaHulumeni aqoke umuntu othatha isikhundla sokuba uNobhala.
UNobhala wezokuVikela uhlala kuleso sikhundla isikhathi esilingana nesazo zonke izinhloko zeminyango kanti nemiThetho asebenza ngaphansi kwayo, iholo namalungelo anawo afana nawezinhloko zeminyango.
UNobhala wezokuVikela kufuneka abe isakhamuzi kanti akavumelekile ukuba ilungu loMbutho wezokuVikela.
a Kufanele athathwe njengowaqashwa ngokwesigaba 1; futhi b Aqhubeke nokusebenza kuleso sikhundla ngaphansi kwayo yonke imiThetho ehambisana naso, kuze kuphele isikhathi okumele asisebenze ekuleso sikhundla.
Amakomidi asePhalamende abheke uminyango iyakulandela yini okubekiwe.
e Kufanele anike uMkhuzi woMbutho wezokuVikela imiyalelo enemininingwane edingekayo ukuze akwazi ukunika amalungu imisebenzi namagunya afanele okwenza imisebenzi ethize ayinikwa nguNobhala wezokuVikela njengenhloko nomphathi wezemali zoMnyango wezokuVikela.
f Kufuneka aqaphele ukulandelwa kwemithetho ekhishwe nguNgqongqoshe eyedlulisela kuMkhuzi woMbutho wezokuVikela ethule nombiko ngaloko kuNgqongqoshe ; futhi g Ubhekene nokuqondiswa kwezigwegwe nokuphathwa kwabasebenzi, kuhlangene nokusetshenziswa kwabo ngendlela efanele nokuqeqeshwa kwabo.
Lelilungelo lokwaba amandla noma ukuwedlulisela kwabanye elikusigaba 1 alimvimbi uNobhala wezokuVikela ukuba aziphathele qobo lomsebenzi.
Noma abhekane nalo noma enze ukuba kubhekwane nalo ngokoMthetho; noma d Enze uphenyo olwamukelekile nokunemithetho olungenziwa ngokulandela yona.
ekupheleni kwezivumelwano zawo zomsebenzi; noma iii akhishwe ngezinye izindlela eMbuthweni wezokuVikela ezihambisana noMthetho; kanye b NoMbutho wamaRizevu amalungu awo asebenza okwesikhashana ngezikhathi anezivumelwano ngazo ngaphandle-ke uma umsebenzi wawo umiswa ngokoMthetho.
i akunoma yimuphi umsebenzi ; kanye ii noMbutho Osebenza Ngokuphele noma uMbutho wamaRizevu noma yomibili; kanti b UMkhuzi woMbutho wezokuVikela angawusungula umkhakha wokwesikhashana , iqembu, ingxenye noma iyunithi kuye ngokuthi yini edingwa ngaboMbutho wezamasotsha, kanti kungasungulwa nezizinda zokwesikhashana ezidingekayo ukuze kuhlangatshezwane nezidingo ezikhona.
UMkhuzi woMbutho wezokuVikela kufanele abe yisakhamuzi futhi abe yilungu loMbutho Osebenza Ngokujwayelekile.
a kufuneka athathwe njengowayeseqashiwe ngokwesigaba 1; futhi b aqhubeke nokusebenza kuleso sikhundla ngaphansi kwemiThetho yomsebenzi asevele ewenza kuze kuphele isikhathi sesivumelwano sokuqashwa kwakhe.
b Kunoma ubani oqashwe ngokoMthetho ka1994 wemisebenzi kaHulumeni Proclamation No 103 of 1994, osebenza ngaphansi koMbutho wezokuVikela; futhi c Nakunoma yimuphi umsebenzi uma kutholakele imvume kaNobhala wezokuVikela.
Ukwabiwa kwamandla okuchazwe kusigaba 1 akumvimbi uMkhuzi wezokuVikela ukuba aziphathele yena uqobo.
UNgqongqoshe angawusungula umsebenzi owumxhantela ewusungulela ukweseka uMbutho wezokuVikela uma kunesidingo.
Amalungu omsebenzi owumxhantela asiza ngaleso sikhathi esinqunywe uNgqongqoshe kuphela.
c Ukweseka noma yimuphi uMnyango kaHulumeni ngisho nokweseka okwenzelwa ukuthuthukisa ezenhlalakahle nezoMnotho; kanye d NokuVikela yonke imingcele ekhona kuleliZwe.
Uma iPhalamende lingahlangani ezinsukwini zokuqala ezingu 7 emva kokuqashwa koMbutho wezokuVikela njengoba kuchazwe kwisigaba 2, uMongameli noma uNgqongqoshe uyokhipha lonke ulwazi oludingekayo kuleso sigaba alunike ikomidi eliphathelene nezokuVikela ePhalamende.
Uma uMbutho wezokuVikela uqashwe uMongameli nganoma isiphi isizathu esibhalwe kwisigaba 2012 soMthethosisekelo, uNgqongqoshe kuyofuneka ahlangabezane nanezidingo zesigaba 2e.
c Liqhamuke nokusha esikhundleni saloko kugunyaza; noma d Lifune kuchithwe ukuqashwa komButho wezokuVikela;.
b ubuqiniso banoma yini eyenziwa ngenxa yokugunyaza kuze kube isikhathi lapho kwenziwa khona ukuchibiyela, ukuqhamuka nokusha esikhundleni sokudala noma ukunqanyulwa kokugunyazwa; noma c yiliphi ilungelo, ithuba, umsebenzi noma okufanele kwenziwe okutholakele, okwandile noma okube yizindleko ngenxa yokugunyazwa noma ukuqashwa koMbutho wezokuVikela kuze kube yisikhathi okukhulunywa ngaso kwisigaba b a Uma ukugunyaza kukaNgqongqoshe ngokwesigaba 1a kungeke kwatholaka kusenesikhathi sokuvimba ingozi engase idaleke empilweni, noma empahleni, uNobhala wezokuVikela esekwa nguMkhuzi woMbutho wezokuVikela angakwazi ukuba kuthi ngesi vumelwano esikhishwe uNgqongqoshe maqondana naloku, agunyaze ukuqashwa koMbutho kaZwelonke wezokuVikela maqondana naleso sigaba.
b UNobhala wezokuVikela kufanele azise uNgqongqoshe ngokushesha ngaloko kugunyaza bese enika yena uNgqongqoshe futhi ulwazi okukhulunywa ngalo kwisigaba 2.
UNgqongqoshe angakucima loko kugunyaza uma engavumelani nako, okungathi uma kwenzeka bese kusebenza isigaba nalo lonke uguquko oludingekayo.
d Uma uNgqongqoshe evumelana nokugunyaza, 2, 3, 5 no 6 kuyosebenza noguquko oludingekayo.
UMbutho wezokuVikela ungaqashwa ngokubambisana noMbutho wezamaPhoyisa eNingizimu Afrika ngokwesigaba 201 (a) soMthethosisekelo ekuvinjweni kobugebengu nokugcinwa komthetho nokuthula.
Uma ukuqashwa koMbutho wezokuVikela ngokubambisana noMbutho wezamaPhoyisa aseNingizimu Afrika kugunyazwa njengoba kuchazwe kwisigaba 1, kufanele uNgqongqoshe akhiphe isaziso salokho kuqashwa ngokukushicilela kwiGazethi, engakapheli amahora awu 24 kwenzekile loko kuqashwa, ngokunjalo uma loko kuqashwa kuqedwa, kufuneka kukhishwe isaziso sishicilelwe kwiGazethi engakapheli amahora angu 24 emva kokunqanyulwa kwako.
aa Nokubambisana phakathi koMbutho wezokuVikela noMbutho wezamaPhoyisa aseNingizimu Afrika; kanye bb Nokuxhumana kwendlela yokuphatha amalungu oMbutho wezokuVikela nawoMbutho wezamaPhoyisa aseNingizimu Afrika, ngendlela uMkhuzi wezoMbutho wezokuVikela noKhomishina kaZwelonke woMbutho wezamaPhoyisa aseNingizimu Afrika abayobona ngayo.
c ukugcinwa komthetho nokuthula; noma d ukugcinwa kwezokuphepha ngaphakathi eRiphabhlikhi.
Ilungu loMbutho wezokuVikela elibopha noma eligquma esitokisini noma ubani noma elithatha noma yini ekulowomuntu kufanele liyedlulisele kwiziphathimandla zamaphoyisa noma yisiphi esinye isiphathimandla esibekwe kulesosikhundla ngokomthetho.
Ilungu loMbutho wezokuVikela kuyothi maqondana nemisebenzi eyenziwe noma engenziwanga yilo ngokwalesigaba litholakele linecala njengoba belingatholakala linecala ezimweni ezifanayo uma liyilungu lombutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika, kanti liyoba nawo wonke amalungelo okukhululwa ezimweni ezithize amalungu alowombutho akhululwa kuzo.
a elinesikhundla esithize kufanele sithathwe njengesikhundla sezamasotsha noma esinye esilingana naso; kanye b nonguKhomishina kaZwelonke woMbutho wezamaPhoyisa aseNingizimu Afrika, kanti uma kunguKhomishina wesiFunda, kuze kuyofika kuKhomishina ogunyazwe ngalawomandla nguMkhuzi woMbutho wezokuVikela ukuze abhekane naleyomisebenzi.
Akukho lutho kulesigaba olungathathwa njengokunika ilungu loMbutho wezamaPhoyisa aseNingizimu Afrika noma yimaphi amandla okuphatha nokukhipha imiyalelo kunoma yiliphi ilungu loMbutho wezokuVikela ngokunjalo nokunika ilungu loMbutho wezokuVikela noma yimaphi amandla okuphatha noma ukukhipha imiyalelo kunoma yiliphi ilungu loMbutho wezamaPhoyisa aseNingizimu Afrika.
b ukubopha, ukubuza noma ukwenza ukuba umuntu abhekane nesigaba 4, ukubopha noma ukugquma ejele ngaphandle kwesidingo semvume yokubopha okuleli ngokungemthetho ngokwalowomthetho; futhi c kuthi ngokwesigaba 4 abone noma athathe ayogcina ngaphandle kwemvume noma yisiphi isibhamu noma isikhali esiyingozi esitholakala noma esiphethwe ngohlala kuleli ngokungemthetho.
Akukho kulomthetho okuphathelene namandla nemisebenzi yelungu loMbutho wezokuVikela okungathathwa njengokususa, ukwehlisa noma yimaphi amandla noma imisebenzi egunyazwe, eyenziwa noma ephoqelelwa yinoma wumuphi omunye umthetho noma umthetho wezwe kunoma yiliphi ilungu loMbutho wezokuVikela.
Amalungu oMbutho wezokuVikela aqashwe ngokwesigaba 1 kufanele athole ukuqeqeshwa okufanele ngaphambi kokuqashwa ngalendlela futhi kufanele ahlonyiswe ngokufanele.
Uma ecelwe uNgqongqoshe ofanele, uMkhuzi woMbutho wezokuVikela ebambisene noNgqongqoshe wezokuVikela bangagunyaza ukusetshenziswa kwanoma iyiphi indiza yezemPi yoMbutho wezokuVikela noma imuphi uMkhumbi weMpi woMbutho wezokuVikela noma yiliphi ilungu loMbutho wezokuVikela ukuze kuphoqelelwe ukulandelwa kwanoma isiphi isigaba soMthetho waseNingizimu Afrika oLwandle.
b Emanzini angaphakathi kwemingcele yase Riphabhlikhi, kepha konke okwenziwayo kufanele kuhambisane nendima 3, 4 no 5 zoMthetho 27, nendima 2 no 3 zoMthetho 28, we UNCLOS; futhi c Uma kuya ngesigaba 3, emanzini angaphandle kwemingcele yase Riphabhlikhi.
b Futhi emikhunjini yamanye amazwe noma kulabo abagibele ngaphandle kwezimo ezivunyelwa nguMthetho wamaZwe omhlaba.
Lesigaba asiwathikamezi amandla achazwe kwizigaba 25, 26, 27 no 28, noma iziphi ezinye izindaba ezingaphansi kwesandla soMbutho wezokuVikela kuphela.
Uma uMkhuzi woMkhumbi welinye ilizwe okunokuboshwa okwenziwa kuwona noma maqondana nawo ngokwesigaba 22 (b) ecela yena uqobo noma ecela ngendiza yezempi noma umkhumbi wezempi ogunyazwe ngokwesigaba 22 , umnyango wezangaphandle kufuneka wazise abamele leloZwe ngokoMthetho ngesimo salowo Mkhumbi ngaphambi kokuba kubekhona uMthetho ophoqelelwayo.
Uma kunengozi noma isimo esiphuthumayo esingadala lowoMkhumbi ubaleke, isaziso esichazwe kwisigaba (a) singedluliswa ngesikhathi izinyathelo zokuphoqelela uMthetho zithathwa.
Uma kusacatshangwa ukuthi kufanele yini kube nokubopha okwenziwayo nokuthi kuyoboshwa kanjani, kufanele kucatshangelwe nokuhamba koMkhumbi nokuphepha olwandle..
b Noma isiphi isenzo sokungena ngokuzithandela kuloko okwenziwa emkhunjini noma kwindiza wazikahle kamhlophe ngokwenzekayo njengoba kuchazwe kwindima 1; futhi c noma isiphi isenzo sokukhuthaza sokwenza ukuba kube lula ukwenza okubhalwe kwisigaba a noma b.
Noma isiphi isenzo sokweba esenziwe ngabasebenzi bomkhumbi weMpi noma indiza yezeMpi, umkhumbi kaHulumeni noma indiza kaHulumeni esithumbe lowo mkhumbi noma leyo ndiza kufanele ngokwalesigaba kuthathwe njengokwenziwe ngabasebenzi balowomkhumbi wangasese noma leyo ndiza.
Noma ubani owenza izenzo zokweba emkhunjini noma endizeni unecala elingathethwa kunoma iyiphi inkantolo eRiphabhlikhi ekhethwe uMqondisi wezabashushisi, okungathi uma kutholakala enecala, akhokhiswe inhlawulo noma aboshwe isikhathi esingaba side noma kangakanani, okungaba nawukudilikelwa ijele.
Isiphathimandla soMbutho wezokuVikela singawuthumba umkhumbi noma indiza nokuthwelwe kuko sibophe nanoma wubani ogibele, ngokulandela umthetho 105 no 107 we UNCLOS.
Noma yimuphi umkhumbi, indiza noma impahla ethunjwe inoma yimuphi umuntu oboshwe ngokwalesigaba, kufuneka ayiswe eRiphabhulikhi ngokushesha noma yikuyiphi indawo enoMthetho ekhonjwe uNgqongqoshe wezangaPhandle ngokuvumelana noNgqongqoshe woMbutho wezokuVikela nowezoBulungiswa ukuze kubhekwane nalolodaba ngokoMthetho osebenza kuleyo ndawo.
Noma imuphi umkhumbi wezeMpi wase Ningizimu Afrika unelungelo lokubheka ukuthi iFulegi elixhonywe emkhunjini liyilo yini njengoba kubekwe kwisigaba 2 soMthetho 110 we UNCLOS ezimweni ezichazwe kwindima 1 yalowoMthetho.
Uma izinsolo ezichazwe kwisigaba 110 se UNCLOS zitholakala ziyiqiniso, umkhumbi ungathunjwa kuthi noma yimuphi umuntu osolwa sengathi kunecala alenzile elithathwa njengecala ezinkantolo zegazi zaseRiphabhlikhi, angaboshwa bese kuthi lowo mkhumbi othunjiwe nanoma ibaphi abantu ababoshiwe kubhekwane nabo ngokwesigaba 25 3.
Noma yimuphi umkhumbi wemPi noma indiza yezemPi yoMbutho wezokuVikela ingalisebenzisa ilungelo enalo lokujaha noma umuphi umkhumbi njengoba kubekwe kuMthetho111 we UNCLOS, loko ikwenzela iRibhabhlikhi noma iliphi elinye iliZwe.
Ukuthunjwa koMkhumbi nokuboshwa kwanoma imuphi umuntu okulowo mkhumbi kungenziwa yinoma isiphi isiphathimandla somkhumbi noma indiza esenza loko njengoba kubekwe kulesigaba.
a Loko kungenziwe ngaphandle kokudala umonakalo omkhulu emkhunjini noma endizeni yezemPi, abasebenza kuyo kanye nabagibeli; futhi b Uma nesimo sokungezwani okusetshenziswa izikhali kuzo, usizo lungakhishwa ngendlela engeke ikhubaze umsebenzi umkhumbi noma indiza yezeMpi ephezu kwawo ngaleso sikhathi.
f Iyise lowokhumbi abantu nempahla abakuwona kuziphathimandla zeZwe zangaphandle elichazwe kwindima e; bese g Kukhishwa usizo kunoma iziphi izinyathelo ezichazwe endimeni a kuya e.
Isiphathimandla okukhulunywa ngaso kwisigaba 3b kufuneka sithathwe njengomsebenzi wezoxolo njengoba kuchazwe kwisigaba 1 soMthetho ka 1977 wenqubo yokubhekana nobugebengu Act No.
UMkhuzi woMbutho wezokuVikela noma yimuphi umuntu okhethwe uye, naye angaqasha noma iliphi elinye ilungu loMbutho wezokuVikela njengesikhulu samasotsha bese enika onke lawomalungu ikhadi elivumelekile elisaPasi.
Ukuze loMthetho noma yimuphi omunye uMthetho ukwazi ukusebenza, kuhlangene noMthetho weZwe loMthetho usebenza emNyangweni nakunoma iliphi ilungu, umsebenzi noma impahla yomNyango, noma yikumuphi umuntu, indawo, uMhlaba, ijalidi noma impahla engaphansi kwesandla somNyango, isiphathimandla samasotsha singenza umsebenzi wamaPhoyisa noma yinini noma kuphi.
b Uyena oyobhekana nomphumela wokwenziwa noma wokungenziwa kwezinto ezithize ngendlela efanayo njengoba kulindeleke kwilungu loMbutho wamaPhoyisa ase Ningizimi Afrika c Unelungelo nokuxolelwa kuzo zonke izinto ilungu loMbutho waseNingizimu Afrika elingaxolelwa kuzo uma lisesimeni esifanayo.
Akukho kulesigaba okungathathwa njengokunika ilungu loMbutho wezamaPhoyisa aseNingizimu Afrika amandla okuphatha noma isiphi isiphathimandla sezamasotsha, ngokunjalo okunganika isiphathimandla sezamasotsha amandla okuphatha noma iliphi ilungu loMbutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika.
a Noma yimuphi umuntu oboshwe yisostha kufanele edluliselwe eMbuthweni wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika ngaphandle kokuchitha isikhathi b Noma yimuphi umuntu ongaphansi koMthetho kanye noMthetho wokuQondiswa kweziGwegwe eMasotsheni Act No.
IBhodi lokuBuyekeza  lisho iBhodi lokuBuyekezwa Kwesimo sokuPhepha kwabasebenzi elasungulwa ngokwesigaba 40.
UMkhakha wezobuNhloli kufanele ubambisane nezinye izikhungo zobunhloli noma izinhlangano ezakhiwe ngeminye imithetho noma ngaphansi kweminye imithetho.
b Izidingo okufanele kuhlangatshezwane nazo ngaphambi kokuphasiswa kuloluhlobo lwezophepha; kanye c Nanoma yisiphi isimo, ukwenza nokuziphatha okwenza ukuba ilungu noma umsebenzi angaphumeleli ekunikweni izinga elithize lokutholakala emsulwa ngezokuphepha.
Ilungu noma umsebenzi ochazwe kwisigaba 1 a ngeke abhaliswa, aqashwa noma akhushulelwa esikhundleni esiphakeme, athole ikhomishini noma agcinwe njengelungu noma umsebenzi ngaphandle uma lelolungu noma umsebenzi enikwe wuMkhakha wezokuVikela izinga elithize elifanele lokutholakala kwakhe emsulwa kwezokuphepha..
Akukho lungu noma umsebenzi ochazwe kwisigaba 1 a elingafuna ilungelo elitholakala ngoba umuntu esebhalisiwe, eqashiwe, ukukhushulelwa esikhundleni esiphakeme, ukuthola ikhomishini, ukugcina nokuthola noma ukunikwa okukhombisa ukuthi umsulwa kwezokuphepha noma iliphi izinga lokutholakala emsulwa kwezokuphepha.
UMkhakha wezobuNhloli kufanele uthi uma unikwa umyalelo nguNobhala wezokuVikela ubheke ukuthi kufanele yini kubekhona ilungu noma umsebenzi ochazwe kwisigaba 1 a onikwa okokukhombisa ukuba msulwa kwakhe kwezokuphepha noma izinga elithize lokuba msulwa kwezokuphepha.
b Kufanele sihlale sisebenza kuze kube yisikhathi esilandelayo okuyobhekwa ngaso futhi ngokwesigaba 4 noma size siphelelwe yisikhathi isitifiketi sokutholakala umsulwa kwezokuphepha noma kwehliswe izinga laso noma sihoxiswe ngokwalomthetho;futhi c Sihlale sibuyekezwa nguMkhakha wezobuNhloli ngesikhathi esibekwa nguNobhala wezokuVikela.
Noma yiliphi ilungu noma umsebenzi otholakala engekho esimweni sokuqhubeka nokuba yilungu noma umsebenzi eMyangweni ngenxa yokungatholakali emsulwa ngokwezokuphepha ngokwesigaba , angase ayekiswe nguNgqongqoshe ukusebenza eMnyangweni.
a maqondana nendima b, uNobhala wezokuVikela kufanele anike izizathu kubo bonke abatholakale bengemsulwa ngokwezokuphepha ngamazinga athize, nalabo abehliselwe ezingeni eliphansi, nokuhoxiswe ubumsulwa babo.
b Akukho muntu ovunyelwe ukuveza izindlela eziphikisana nobunhloli ezithathiwe, umthombo wolwazi noma umuntu obeyingxenye yokuqoqwa noma ukukhishwa kolwazi maqondana nokuphenya abantu ngobumsulwa babo kwezokuphepha noma ukuveza ulwazana olungenza ukuba baziwe abaqoqi bolwazi.
Akukho bumsulwa kwezokuphepha noma ngabe obezinga elithize obungenikwe muntu , buhoxiswe noma buyiswe ezingeni eliphansi ngaphandle kokunikwa ithuba kothintekile ukuba naye abeke uvo lwakhe ngalolodaba.
a Ezinsukwini ezingu 14 emva kokuthola izizathu ezichazwe kwisigaba 2 a, ilungu noma umsebenzi othintekile angasifaka isikhalo sakhe ngokunganikwa ubumsulwa ngokwezokuphepha, ukwehliselwa ezingeni eliphansi noma ukuhoxiswa kobumsulwa bakhe, loku angakuqondisa kuNobhala wezokuVikela nayo yonke imibhalo abona iyodingeka uma udaba seluphambi kweBhodi yokuBuyekeza.
b UNobhala wezokuVikela kungathi uma ethola isicelo esibhaliwe esiphuma kwilungu noma umsebenzi bese esandisa isikhathi esichazwe kwindima a ngesikhathi esiyizinsuku ezingu 14.
izizathu ezichazwe kwisigaba 2 a; kanye iii nanoma imiphi eminye imibhalo, ulwazi noma imininingwane eyasetshenziswa ekuthatheni isinqumo.
Nezinye izizathu azibona zidingekile ukuba izedlulisele kwiBhodi yokuBuyekeza.
Namanye amalungu uNgqongqoshe angawabona efanele.
b kungathi ngokwesigaba 1, aqoke nelinye ilungu elizoshintshana nelungu leBhodi lokuBuyekeza.
c kungathi uma kuphela isikhathi sakhe sokwenza lomsebenzi, aphinde aqashwe.
Ibhodi lokuBuyekeza kufanele libuyekeze noma yiziphi izikhalo ezilethwe phambi kwalo ngokwesigaba kanti lingathuma uNobhala wezokuVikela ukuba aphenye ngaloko okubuyekezwayo bese eletha okutholwa nguNobhala nezincomo zakhe kwiBhodi lokuBuyekeza.
a khipha isiqiniseko ngokushiwo; noma b lisihoxise isinqumo bese lethula noma yisiphi isinqumo ebesingathathwa nguNobhala wezokuVikela.
UNobhala wezokuVikela kufanele achibiyele noma akhansele isitifiketi okukhulunywa ngaso kwisigaba 37 5 a ukuze kubonakale ukuzimisela ebelinako iBhodi lokuBuyekeza ngokwesigaba 2.
UMhloli Jikelele woMnyango kufanele ahlole ukuthi amazinga ehlukene abasebenzi awulandela kangakanani umthetho ngokwenza okwenziwa kuMkhakha wezobuNhloli.
UMkhandlu wezokuVikela wenza imisebenzi yawo ngokulandela iMithetho nenqubo ebekwa uNgqongqoshe.
UMkhandlu wezokuVikela ungathintwa maqondana nanoma iluphi udaba olungase luthinte imisebenzi eyenziwe nguNgqongqoshe maqondana noMyango nezindaba eziphathelene nawo.
Noma yisiphi isincomo esamukelwa ngumkhandlu wabasebenzi wezokuVikela ukuba sedluliselwe kuNgqongqoshe, kufanele sedluliselwe kuMkhandlu wezokuVikela kuqala ukuze usibhekisise ngaphambi kokuba siye kuNgqongqoshe athathe isinqume ngaso.
Inqubo nezinqumo ezithathwe emhlanganweni womkhandlu wezokuVikela kufuneka ziqoshwe phansi futhi zigcinwe ngendlela efanale.
Indlela osungulwe nowakhiwe ngayo uMkhandlu waBasebenzi bezokuVikela.
c Bonke abaPhathi bemiKhakha njengoba kubeka uNobhala wezokuVikela ethatha isinqumo ngokuvumelana noMkhuzi woMbutho wezokuVikela; kanye d Nanoma yimuphi omunye umuntu ongase afakwe ngesinqumo sikaNobhala wezokuVikela benoMphathi woMbutho wezokuVikela.
UMkhandlu waBasebenzi bezokuVikela kufanele uziphathele izindaba zawo ngokwemiMthetho nenqubo ebekwe uNgqongqoshe.
UMkhandlu waBasebenzi bezokuVikela kufanele weluleke uNobhala wezokuVikela noMphathi woMbutho wezokuVikela nganoma uluphi udaba onamakhono okuluphatha.
UNobhala wezokuVikela, uMphathi woMbutho wezokuVikela nanoma yimuphi uMphathi woMkhakha lomNyango bangayisungula eminye imikhandlu uma kunesidingo.
Yonke imikhandlu eyayivele ikhona ngaphambi kokuqala kwaloMthetho kufuneka ithathwe njengesungulwe ngaphansi kwalesigaba.
Kufuneka uNgqongqoshe asungule uMkhandlu woMbutho wamaRizevu.
Kufuneka uNgqongqoshe aqoke abantu abayinani elingengaphansi kuka 9 futhi elingekho ngaphezu kuka 18 ukuba bangene eMkhandlwini woMbutho wamaRizevu bese ekhetha oyedwa kubona ukuba abe ngusihlalo.
Umkhandlu wenze imisebenzi yawo njengoba kubekwe kuMthethosisekelo ohlanganiswe yiwo wemukelwa uNgqongqoshe.
Umkhandlu uyinhlangano yokweluleka nokubonisana emele uMbutho wamaRizevu ukuze iwusize uhlale usesimeni esifanele futhi uyingxenye yoMbutho wezokuVikela, futhi kufuneka uthintwe nnganoma yimuphi uMthetho nokuphatha okuthinta uMbutho wamaRizevu.
Umkhandlu awunawo amandla okushaya imiMthetho.
UNgqongqoshe angayakha imiThetho ephathelene nomkhandlu woMbutho wamaRizevu uma kunesidingo.
Loku kuyokwenziwa ngendlela okunesidingo ngayo maqondana nokuphepha nokuvikelwa kolwazi. Amalungu oMbutho wezokuVikela nabasebenzi bakhona kungenzeka afinyezwe amalungelo abo okukhipha ulwazi oluthile, kanti uma kunezimo ezithize bangavinjwa nokuvinjwa bangakhiphi lwazi nhlobo.
Uma kunesidingo sokuqondiswa kwezigwegwe kwezamasotsha, amalungelo okubhikisha oMbutho Osebenza Ngokuphelele, amalungu asebenzela uMbutho wezokuVikela namalungu anoma yimiphi eminye imisebenzi eyimixhantela, angafinyezwa uma kudingekile.
a Ukungena, ukuhlala nokuhamba ngokukhululeka endaweni eyaziwa njengeyamasotsha kungenziwa ngabathize abanamagunya okwenzenjalo, kuye ngokuthi ihamba ifikephi imvume yabo.
b Amalungu oMbutho wezokuVikela angalindeleka ukuba kuthi esasebenzela lombutho ayosebenza noma ayohlala kwenye indawo ekhona kuleli noma ekwamanye amazwe omhlaba.
Uma kunesidingo maqondana nokuphepha kwezwe kanye nokugcina uMbutho wezokuVikela uhlale uwumbutho wezamasotsha asemgqeni, angafinyezwa amalungelo okujoyina izinyunyana nezinye izinhlangano ezifana nazo uma kunesidingo kumalungu oMbutho oJwayelelekile nalawo asebenza ngaphansi koMbutho wamaRizevu nawanoma yimiphi eminye imisebenzi eyimixhantela..
Uma kunesidingo maqondana nokuphepha kwezwe, kungenziwa ukuba ulwazi oluphathelene noMnyango lungatholakali kalula.
b ukuba ngamalungu oMbutho wamaRizevu ; noma c ukuba ngamalungu oMbutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika noma isimo siphendukezelwe.
Ngaphandle uma okuqukethwe kwehlukile, okuqukethwe kulesahluko yikona okuyosebenza kumalungu oMbutho Osebenza Ngokuphelele nakumalungu oMbutho wamaRizevu.
UMbutho Osebenza ngokuPhelele uqukethe abantu abangengaphansi kweminyaka eyi-18 nabangengabadala kuneminyaka engama-65, abangabe basebenza unomphelo noma ngokwesikhashana, futhi kuhlelwe ngendlela ebekiwe.
Imiyalelo kanye nezimiselo zensebenzo yoMbutho oseMbuthweni ngokuPhelele kanye nezimiselo nezinqubo zokwenza ezithinta ukubuthwa, ukubekwa, ukukhushulelwa esikhundleni esiphezulu nokwedluliselwa kepha hhayi inkokhelo kunjengoba kubekiwe.
a Izimisomigomo ezifanele kanye neminye imithetho ephathelene nokunikezwa kwezimpesheni kanye nezinsizakalo ezihlobene, kanye nanoma iyiphi imithetho nezimiselo eyenziwe ngaphansi noma ngokwaleyomithetho iyasebenza emalungwini oMbutho oseMbuthweni ngokuPhelele.
b Izimiso ezicetshwa esigabeni esingaphansi 2 zingalungiselelwa ukukhokhelwa kwezimali ezinikezwa ngokwensebenzo eyenziwe, iyasebenza ngenkathi kudedelwa imikhakha ethile yamalungu.
c Izimiso ezahlukene zensebenzo zingabekwa ngaphansi kwesigaba esingaphansi 2 nemikhakha eyehlukene yamalungu oMbutho oseMbuthweni ngokuPhelele.
d Noma yiliphi ilungu elibuthwe eMbuthweni oseMbuthweni oPhelele kufanele lisebenze lapho lize lidedelwe ngokomthetho lapho.
a Akukho muntu ongabuthwa eMbuthweni Osebenza Ngokuphelele ngaphandle kokuthi abe yisakhamuzi.
b Uma isidingo sensebenzo ethile noma sokwazi okuthile esingakwazi ukugcwaliswa nganoma iyiphi enye indlela emukelekile, uNgqongqoshe angagunyaza ukuthathwa ngenkontileka songesona isakhamuzi sesikhashana isikhathi esingedluli iminyaka emithathu, esingavuselelwa kanye esikhathini esingengaphezu kweminyaka emithathu.
a Ilungu loMbutho Osebenza Ngokuphelele kufanele libeke sonke isikhathi salo ekusebenzeleni uMbuso, futhi alivunyelwe ukwenza umsebenzi okhokhelwayo noma ukuthi lizibandakanye ekwenzeni umsebenzi onje ngaphandle kwalapho liqashwe khona, ngaphandle kwalapho igunya litholwe ngaphambili kuMbutho wezokuVikela, inqobo nje ukuthi b uNobhala wezokuVikela anganikeza igunya elinje uma ngabe enelisiwe ukuthi akuzukuba nokuphatheka kabi eMnyangweni.
Uma kungathi ilungu loMbutho oseMbuthweni Osebenza Ngokuphelele linikezwe imvume yokuqala umsebenzi oweHlukile ngenkathi liqashwe eMbuthweni wezokuVikela, izintshisekelo zoMbuso ziza ngaphambili uma kuvela ukungqubuzana phakathi koMbuso wezokuVikela ngakolunye uhlangothi kanye nomunye umsebenzi owenziwa ngakolunye yhlangothi, futhi ilungu elithintekayo kufanele lesule emsebenzini noma lisuke esikhundleni salo okwesikhashana emsebenzini walo omunye uma liyalelwa ukuba lenze kanjalo nguMbutho wezokuVikela.
b elingabaseqenjini elithatha uhlangothi ngokwezombusazwe, noma liveze ukuthobela kwanoma yikuphi kwezamaqembu ezombusazwe, ekwenzeni kwalo imisebenzi yalo; noma c elingaba kunoma yisiphi isikhundla ngaphandle kwaleso selungu elejwayelekile kunoma yiliphi iqembu lezombusazwe.
Amalungu oMbutho wezokuVikela ngaphambi kokuqala kwaloMthetho ayesebenza ngokuzithandela emkhakheni owaziwa ngokuthi nguMbutho weZakhamuzi noma amaKhomando kufanele athathwe njengamalungu abuthwe ngokwalesigaba, futhi wonke amalungelo, okuvunyelwe, imisebenzi, izikhundla kanye nezikhundla zomthetho okungakhishelwanga ngaphandle yiloMthetho masishane ngaphambi kokuqala kwaloMthetho , ebekusebenza kuwo masishane ngaphambi kokuqala kwaloMthetho, kuyosebenza kuwo kunsalela yesikhathi esinqunywe ngaphambili sokusebenza ngokuzithandela okushiwoyo.
Imiyalelo kanye nezimiselo zomsebenzi, kanye nezimiselo nezinqubo zokwenza mayelana nokubuthwa, ukuqashwa, ukukhushulwa esikhundleni nokuyosebenza kwenye indawo nokuqedwa kwensebenzo, kepha kubeka ngaphandle inkokhelo njengoba kubekiwe, kunjengoba kubekiwe.
Konke ukusizakala nezimali ezivunyelwe okuqongelekela ilungu loMbutho wamaRizevu, kuhlanganisa nohlelo lwezimali ezivunyelwe zokuhamba, kunjengoba kubekiwe.
Noma yiliphi ilungu loMbutho wezokuVikela, ngokokuzithandela linganikeza usizo olunenkokhelo noma olungenankokhelo ngaphezu kwensebenzo echazwe enkontilekeni yalo yomsebenzi engahle ibekwe.
a alinakuqhubekisa noma lilimaze noma yiziphi izintshisekelo zanoma yiliphi iqembu lezombusazwe ekwenzeni kwalo umsebenzi walo.
b alinakukhetha ngokweqembu lezombusazwe, noma liveze noma yikuphi ukuthobela iqembu lezombusazwe, ekwenzeni kwalo imisebenzi yalo; noma c elingenza noma yimuphi umsebenzi ophathelene nanoma yisiphi isikhundla kwezombusazwe elingahle libenazo.
UMbutho samaRizevu uhleliwe, futhi amalungu awo aqeqeshiwe futhi asebenza ezindaweni zakomkhulu, ezinsebenzweni, ezinhlelweni ezithile zamasosha, ezikhungweni, ekuqoqweni kwabasebenzi ukuba bahlolwe noma ezindaweni zasemasosheni zokuqeqeshwa njengoba kudingekile.
Noma yiliphi ilungu loMbutho wamaRizevu elifisa ukungenela ukuqeqeshwa okukhethekile okungenakufakwa emingceleni eyejwayelekile yensebenzo yoMbutho wamaRizevu, uma ngabe lihlangabeza izidingo zokuqeqeshwa okunje, lingangena enkontilekeni ekhethekile yoMbutho wezokuVikela ngenxa yokungenela ukuqeqeshwa okunje.
Wonke amalungu oMbutho wamaRizevu kufanele anikezwe ngezindleko zoMbuso umfaniswano oyisisekelo obekiwe, izimpawu ezigqamisayo, amabheji kanye nokunye okusetshenziswa ngamasosha okungezona izimpahla futhi kufanele likugcine lokhu ngesikhathi salo sokusebenza..
Ngaphansi kwesigaba esingaphansi kuka , uMongameli angagunyaza ukubekwa esikhundleni ukuze kwenziwe umsebenzi othile okungenakupheliswa kunoma yiliphi ilungu loMbutho wezokuVikela.
b Ilungu elinikezwe isikhundla sokwenza umsebenzi othile esingenakupheliswa kufanele linikezwe iNcwadi yokuNikezwa isikhundla enesiginesha kaMongameli noma umfanekiso wayo ofana nse nayo.
g abe ngumuntu ongumqemane nofanele ukusebenza futhi abe ngumuntu owethembekayo noyisibonelo; futhi h alandele izidingo ezibekiwe zokutholakala emsulwa enganamarekhodi mayelana nezokuphepha.
a NguMongameli kuphela ongesula ukubekwa esikhundleni ukuze kwenziwe umsebenzi othile njengoba kufisa uMongameli. Ukubekwa esikhundleni okunje akunakwesulwa ngaphandle kokuthi onikezwe sona abhalelwe aziswe nganoma isiphi isikhalo noma icaIa elibekiwe ngaye kanye nanganoma yisiphi isinyathelo esihlongozwa ukuba sithathwe mayelana nalokho, nangaphandle kokuthi abizwe ukuba akhonjiswe izizathu mayelana nalokho.
b Uma umuntu onikezwe isikhundla zokwenza umsebenzi othile esingenakupheliswa kungenakutholwa umkhondo wakhe ngemuva kokucingwa okwenzisisiwe okungokufanele kuleso simo, ukunikezwa kwesikhundla, leso kungesulwa ngaphandle kwesaziso esinje.
UNgqongqoshe anganikeza isikhundla sesikhashanasokwenza umsebenzi othile eMbuthweni wezokuVikela kunoma yimuphi umuntu olilungu noma olungele ukuba yilungu loMbutho wezokuVikela, uma umuntu onjalo egcwalisa izidingo zokubekwa okunje futhi uma kunesikhundla esifanele umuntu onje angasebenza kuso.
Bonke abantu abanikezwe izikhundla zesikhashana zokwenza umsebenzi othile bahlala ezikhundleni isikhathi esinqunywe nguNgqongqoshe.
a Umphathisikhundla angathi ngokwesaziso esibhaliwe acele ukuba ethulwe ukuba sesikhundleni futhi noma yisiphi isicelo esinje sisebenza kuphela ezinyangeni ezintathu ngemuva kosuku esivunywe ngalo noma ngosuku olungaphambili olungahle luvunyelwe nguNgqongqoshe.
b UmphathisikhundIa owayesesikhundleni ngaphambili akuthi ngenxa yokuhoxiswa kwesikhundla sokwenza umsebenzi othile akhululwe kunoma yikuphi ukusebenza noma ukuqeqeshwa afanele ukukwenza ngokwaloMthetho ngaphandle kokuthi likhululwe yiBhodi lokuKhulula, futhi lingahle liqhubeke lizithole lifanele libuyisele noma yiziphi izimali ezichazwe enkontilekeni ephathelene nanoma yikuphi ukufunda noma ukuqeqeshwa angahle abe ukwenzile noma asesimweni sokukwenza ngezindleko zoMbuso.
a ngosuku okuqinisekiswa ngalo isigwebo esibekwe kuye sokuxoshwa embuthweni ngenxa yehlazo.
b uma noma yisiphi isigwebo sokugqunywa ejele ngaphandle kokukwazi ukukhetha ukukhokha inhlawulo sibekwe kuye yinkantolo yabangekho emasotsheni efanele, futhi uma ngabe kunesicelo sokubonelelwa, ngesikhathi sokuqiniswa kwesigwebo esinje.
a Ukubekwa eMbuthweni wezokuVikela kwanoma yimuphi umuntu okunikezwa kwakhe isikhundla sokwenza umsebenzi othile kwesuliwe ngokwesigaba esingaphansi 7 kufanele kuthathwe njengokuqedwe ngasikhathi sinye nokwesulwa okunje.
b Ukubekwa eMbuthweni wezokuVikela kwanoma yimuphi umuntu okubekwa kwakhe esikhundleni sokwenza umsebenzi othile kwesuliwe ngokwesigaba esingaphansi kuka , kuyaphela ngokwesulwa okunje uma ngabe ukubekwa okunje kwakwenziwe ngenxa yokunikezwa kwesikhundla, futhi kungaqedwa ngaphansi kwanoma yiyiphi imiyalelo nezimiselo eziphethe ukubekwa okunje, kepha akukho lutho oluqukethwe kulesi sigaba okumele kuthathwe njengokusiza noma okukhulula umuntu onje ekulindelekeni kokuthi anikeze insebenzo ngokwaloMthetho.
Abaphathisikhundla abanikezwe izikhundla zokwenza umsebenzi othile abaqhamuka kwamanye amazwe abafakwe eMbuthweni wezokuVikela ngokwesikhashana ngokwaloMthetho banegunya elinikezwa abaphathisikhundla abaseMbuthweni wezokuVikela ngokwesikhundla sabo.
Amalungu oMbutho oseMbuthweni ngokuPhelele kanye nawoMbutho kufanele athole inkokhelo, amaholo kanye nokuyizimfanelo okufaka phakathi izimali ezivunyelwe, izinkokhelo kanye nezinye izinsizakalo mayelana nensebenzo, ukuqeqeshwa noma umsebenzi wawo ngokwaloMthetho njengoba kungahle kuvunyelwane ngakho eMkhandlwini wokufinyelela kwiziVumelwano waseMasotsheni.
Uma kungekho zivumelano ezichazwe kwisigaba 1 okungafinyelelwa kuzo kuMkhandlu wokufinyelela kwiziVumelwano eMasotsheni, uNgqongqoshe kungathi uma esebhekisise umbiko wokwelulekwa ophuma kwiBhodi yokuXazulula iziNkinga eMasotsheni , kuthi uma evumelana noNgqongqoshe wezeZimali, akwazi ukunquma amaholo, inkokhelo nezikhundla ezibekwe kulesosigaba.
Ngokuqondene nalesigaba "ilungu" lisho nomsebenzi oqashwe nguMbutho wezokuVikela.
a Lapho ilungu loMbutho wezokuVikela ngokombono womphathisikhundla olengamele lithunjiwe noma liduke ngenkathi lenza umsebenzi eliqashelwe wona ngokwaloMthetho, ilungu elinje kufanele lithathwe mayelana nazo zonke izinhloso, njengelisasebenza eMbuthweni wezokuVikela kuze kube usuku eliyophinde lifike ngalo emsebenzini noma usuku ukufa kwalo okuyoqiniswa ngalo noma usuku inkantolo efanele ekhipha ngalo umyalo okuyothi ngawo ukufa komuntu onje kucatshangelwe.
b Inkokhelo, iholo kanye nokuyizimfanelo okuqongelelekela ilungu ngesikhathi sokuthunjwa kwalo noma okunye ukungabikho okucetshwa esigabeni kufanele kukhokhelwe okhonjwe yilungu elithintekayo.
c UMkhuzi woMbutho wezokuVikela kufanele athathe izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukuthi ngalelo nalelo lungu loMbutho wezokuVikela kukhona ngaso sonke isikhathi irekhodi lemininingwane yokhonjwe yilungu elinje ngezinhloso zendima (b).
d Ilungu loMbutho wezokuVikela lingakhomba nganoma yisiphi isikhathi omunye umuntu esikhundleni somuntu okhonjelwe izinhloso zendima (b) kodwa kufanele liqinisekise ukuthi noma iyiphi inguquko ekukhonjweni yaziswa uMkhuzi woMbutho wezokuVikela ngokubhaliwe.
e Noma iyiphi inguquko ekukhonjweni iyasebenza ngokwezinhloso zendima b lapho yemukelwa nguMkhuzi woMbutho wezokuVikela noma yemukelwa egameni lakhe.
Ngaphansi koMthetho weMoratorium ka-1963 UMthetho onguNombolo 25 ka-1963, kanye nanoma yimuphi omunye uMthetho ophathelene nokuvikelwa kwezakhamuzi noma abangezona izakhamuzi abasebenza egameni leRiphabhulikhi, akunakudliwa, kufaka phakathi ukwephucwa noma ukubanjwa okungenziwa ngaphansi noma ngenxa yencwadi yesinqumo sasenkantolo yokwenza okuthile, yokwamuka ekhishelwe ilungu loMbutho wezokuVikela eliqashelwe ngesikhathi sempi noma ngesikhathi sokuvikelwa kwezwe noma ekugcwalisweni kwezibopho zamazwe ngamazwe zeRiphabhulikhi, ngaphandle k okudliwa okungaphansi noma okungenxa komyalo wokondla okhishelwe ilungu elinje.
a Ilungu loMbutho wezokuVikela , okuthi ngenxa yokuziphatha kabi okungadaliwe yilo, lithole inxeba noma ukulimala noma licoshe ukugula ngenkathi lisemsebenzini wezamasotsha noma ngenkathi liqeqeshwa , ngaphansi kwezimo ezinje futhi nangesikhathi esingahle sibekwe, lilungele ukuba linikezwe ukwelashwa okudingekayo kwezemithi, kwezamazinyo kanye nokwezengqondo noma okunye ngenxa yenxeba, ukulimala noma ukugula ngaphandlle kokuvinjelwa kokuthi ukwelashwa okunje kungedlulela ngale kwenkontileka yomsebenzi yelungu lelo.
b Ilungu elemukela ukwelashwa okubhekiswe kukho endimeni a kufanele lithole iholo lalo kanye nokuyizimfanelo ngesikhathi lokhu okufanele kutholwe ngakho futhi isikhathi sokwelashwa okunje kufanele ngezinhloso zonke sithathwe njengomsebenzi.
Uhlelo lomshuwalense obhekela ukufa kanye nosizo ekukhubazekeni kufanele luboniswane futhi lunikezwe nguNobhala wezokuVikela egameni lamalungu okufanele abe ngaphansi kwalo.
Izimali ezikhokhwayo mayelana nohlelo olunje kufanele zithathwe ngqo enkokhelweni noma kokuyizimfanelo okukhokhelwa amalungu anje.
Maqondana nalesigaba, "ilungu" lisho nomsebenzi oqashwe ngaphansi koMbutho wezokuVikela.
Noma yiliphi ilungu noma owayeyilungu ngaphambili loMbutho wezokuVikela elithole umonakalo noma ukulahlekelwa noma izindleko ngenxa yesenzo noma ukungenziwa okuvela kunoma yikuphi ukuqeqeshwa noma ukusebenza ngaphansi kwalo Mthetho, noma ngabe izinyathelo zomthetho zithathiwe noma zizothathwa, ngokuthi libhale lingafaka isicelo eBhodini leziNxephezelo elisungulwe ngesigaba esingaphansi ukunxephezela, libeke ngokugcwele izizathu isicelo esesekelwe kuzo, ubungako kanye nohlobo lomonakalo, noma ukulahlekelwa noma izindleko kanye nesinxephezelo esifiswayo.
Ibhodi leziNxephezelo kulesahluko elibizwa iBhodi liyasungulwa ngalokhu, elimalungu alo okumele abekwe nguNgqongqoshe, ngemuva kokubonisana noNgqongqoshe wezeziMali kanye noNgqongqoshe wezeMisebenzi, futhi lithole inkokhelo ebekiwe.
b nenani lesinxephezelo okumele sikhokhwe uma isicelo sivunyiwe; kanye c nezimiselo uma zikhona, okunikezwa isinxephezelo ngaphansi kwazo.
i umgcinisihlalo; kanye iinenani lamalungu amanye, angedluli amane, elinganqunywa nguNgqongqoshe.
b Amalungu eBhodi abasesikhundleni iminyaka emithathu ngesikhathi noma ngokuthanda kukaNgqongqoshe.
c UNgqongqoshe angabeka amalungu amanye ukugcwalisa amalungu angekho kunoma yimuphi umhlangano weBhodi.
d Kunoma yimuphi umhlangano ilunga elisesikhundleni selinye linawo wonke amalungelo kanye nezibopho zelungu elithathe indawo yalo.
e Isibalo senani elilingene ukuxoxa indaba emhlanganweni siqukethe umgcinisihlalo, noma ibamba likamgcinisihlalo, kanye namalungu amanye amabili futhi noma yisiphi isinqumo seningi elikhona emhlanganweni.
f Lapho iBhodi liqukethe ngaphezu lwamalungu amabili, umgcinisihlalo, noma obambele umgcinisihlalo unevoti elinqumayo ngaphezu kwevoti eletshisiwe uma kwenzeka kuba nokulingana kwamavoti nganoma yiluphi udaba.
IBhodi kufanele linamathele kunoma iyiphi indlela yokwenza ebekiwe.
Noma yisiphi isicelo esiya eBhodini kufanele sihambisane naleyo mibhalo engahle idingeke ukwesekela isicelo leso.
IBhodi lingadala ukuthi uphenyo olunje lwenziwe mayelana nesicelo futhi nangendlela elingayibona idingeka ukulisiza ukuba lilethe izincomo zalo.
Mayelana nezinhloso eziphawulwe esigabeni esingaphansi 8, iBhodi lingabiza ofakazi, lidale ukuba kuthathwe isifungo noma kuvunywe futhi licele ukuthi kukhishwe izincwadi, imibhalo nezinto.
Isamanisi lokubakhona kukafakazi noma lokukhishwa kwanoma iyiphi incwadi, umbhalo noma into ngaphambi kweBhodi kufanele lisayinwe futhi likhishwe ngumgcinisihlalo weBhodi efomini elibekiwe futhi kufanele lihanjiswe ngendlela efanayo njengesamanisi lokubakhona kukafakazi ecaleni labengewona amasosha enkantolo kamantshi.
Noma yimuphi umuntu obizwe njengofakazi noma onikeze ubufakazi ngaphambi kweBhodi unelungelo lokubiza zindleko ezivelile uma kube sengathi amasamanisi bekuyilawo adinga ukubakhona kukafakazi onje ecaleni lasenkantolo kaMantshi endaweni lapho lethanyelwe khona.
Mayelana nokunikezwa kwanoma yibuphi ubufakazi noma ukukhishwa kwanoma yimuphi umbhalo ngaphambi kweBhodi, uMthetho omayelana nelungelo njengoba usebenza kufakazi onika ubufakazi noma obizelwa ukukhipha incwadi noma umbhalo ecaleni lezakhamuzi enkantolo kamantshi uyasetshenziswa.
b owehluleka ukukhipha imibhalo, izincwadi noma izinto ezidingwa yisamanisi; noma c owenza isitatimende esingelona iqiniso, ebe esazi ukuthi asilona iqiniso, kunoma yisiphi isicelo sokunxephezelwa ngaphansi kwalesi sigaba noma eBhodini mayelana nanoma yisiphi isicelo esinje, unecala futhi kungenzeka kuthi ekutholweni enecala mayelana necala eliphawulwe ezindimeni a noma b akhokhiswe inhlawulo noma agqunywe ejele isikhathi esingedluli izinyanga eziyisithupha, futhi mayelana necala okubhekiswe kulo endimeni c, abhekane nanoma yisiphi isijeziso sokuhlawulisa esingahle sibekwe ngokusemthethweni ngokwephulwa kwesifungo sokukhuluma iqiniso.
a Izincomo zeBhodi ngokwesigaba esingaphansi 4 kufanele zibhekiswe kuNgqongqoshe noma umphathisikhunla ocetshwa kulezo zigaba esingaphansi, njengoba kungahle kube njalo ukuze kutholakale isinqumo ngesicelo.
b UNgqongqoshe noma umphathisikhundla othintekayo kufanele azise ofake isicelo ngokumbhalela ngesinqumo ngesicelo, futhi enze ukuba umphumela waleso sinqumo esishiwo wenziwe.
IBhodi ngemuva kokuthi kwedlule isikhathi esemukelekayo noma ngenxa yezizathu zanoma yimaphi amaphuzu amasha ethulwe kulo, lingabukeza noma yiziphi izincomo zangaphambili zemali encane noma enkulu okumele ikhokhelwe ilungu elanxephezelwa ngokufanele.
UMnyango kufanele ube nehhovisi lokuxhasa iBhodi, lokugcina amarekhodi afanele kanye nokubhekana nemibuzo ethunyelwe kulo mayelana nanoma yiluphi udaba olufanele oluphathelene nokulimala noma umonakalo ngokwengqondo kumalungu noma kwababengamalungu oMbutho wezokuVikela.
Izindleko zeBhodi kanye nezinkokhelo zesinxephezelo ezenziwe ngokungumphumela wezincomo zeBhodi kufanele zikhokhelwe ngemali ebekwe yiPhalamende ngalezi zinhloso.
Noma iyiphi inkokhelo yesinxephezelo ngokwalesi isgaba ikhululekile ekuthelisweni ngenkathi ikhokhelwa ilungu noma owayeyilungu elithintekayo.
Ilungu leBhodi elingaqashiwe ngokugcwele nguMbuso kufanele likhokhelwe inkokhelo kanye nezimali ezivunyiwe ezingahle zinqunywe nguNgqongqoshe ngokubonisana noNgqongqoshe wezeziMali mayelana nemisebenzi yalo.
a lenze isincomo esishiwo kwisigaba 4 zingakapheli izinyanga ezingu 12 emva kokuthola isicelo okukhulunywa ngaso kwisigaba 2; futhi b lethule umbiko kuNgqongqoshe njalo ngonyaka ngelikwenzayo lowombiko wethulwe kanye nombiko wonyaka nezitatimende zezimali ezichazwe kwisigaba 65 soMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni Act No. 1 of 1999.
Ngaphansi kwalo Mthetho, wonke umuntu onenkontileka ukuba asebenze eMbuthweni wezokuVikela unesibopho sokusebenza nokuthi ahlale emsebenzini ngesikhathi sempi, isimo sokuvikelwa kwezwe noma isimo esiphuthumayo.
Lapho inkontileka yelungu loMbutho wezokuVikela, iphelisiwe noma isiphelelwe yisikhathi ngaphambi kokuqubuka kwempi noma ekuqubukeni noma ekumemezelweni kwesimo sokuvikelwa kwezwe noma ekumenyezelweni kwesimo esiphuthumayo, inkontileka enje ingavuselelwa nguNgqongqoshe ukuzze ilungu linikeze insebenzo ngesikhathi sempi, ngesikhathi sesimo sokuvikelwa kwezwenoma ngesikhathi sesimo esiphuthumayo, kepha akunankontileka enje engelulwa nganoma yisiphi isikhathi esithile isikhathi esiqhubekayo esedlula izinyanga ezintathu.
Lapho inkontileka yelungu iphelanoma iphelelwa yisikhathi ngesikhathi sensebenzo ngesikhathi sempi, ngesikhathi sesimo sokuvikelwa kwezwe noma ngesikhathi sesimo esiphuthumayo, inkontileka enje ingelulwa nguNgqongqoshe ukuvumela ilungu elishiwoyo ukuba lihlale ensebenzweni isikhathi esiyizinyanga ezintathu.
Akukho lutho kule ngxenye okumele kuthathwe njengokuthibela isicelo sokukhululwa noma sokwedluliselwa kwensebenzo yilungu loMbutho wezokuVikela ngokwaloMthetho.
a ekupheleni kwezinyanga ezintathu ngemuva kosuku ilungu elinje elafaka ngalo ukwesula kwalo noma ekupheleni kwesikhathi esifushane kunaleso esingahle sivunyelwa nguMkhuzi woMbutho wezokuVikela.
b Ekupheleni kwanoma iyiphi inkontileka yesikhathi esibekiwe ehlanganiswe phakathi kwelungu kanye noMnyango noma ekupheleni kwanoma yisiphi isikhathi eseluliwe senkontileka enje.
c uma selifike ebudaleni obubekiwe bokuthatha umhlalaphansi noma, lapho kusebenza khona, uma esebenzisa ilungelo lakhe lokuthatha umhlalaphansi wempesheni ngokwezimisonqubo zempesheni esebenzayo.
d uma ligwetshwe isikhathi ejele yinkantolo yezakhamuzi efanele ngaphandle kokuvunyelwa ukukhetha ukukhokha inhlawulo noma uma isigwebo esibandakanya ukudedelwa noma ukuxoshwa sibekwa kulo ngaphansi koMthethonqubo.
e uma uDokotela onguMhlinzi-Jikelele noma yinoma yimuphi umuntu onikezwe igunya ukuba enze njalo ekhipha isitifiketi esithi ngenxa yezizathu zezemithi noma zezengqondo, ilungu elinje alikulungele ukusebenza eMbuthweni wezokuVikela.
a ngenxa yomphumela wokuqedwa kwesikhundla selungu elinje noma ngenxa yokwehliswa noma ukwehliswa noma ukuguqulwa ekwakhekeni kwesikhundla soMnyango wezokuVikela.
b uma ngokwezizathu ezingezona ukungakulungeni kwelungu noma ukwehluleka kwelungu ukudedelwa okunje kungahle kugqugquzele ukusebenza kangcono noma ukonga eMnyangweni wezokuVikela.
c ngenxa yokungakulungeli ukusebenza kwalo noma ukwehluleka ukukwenza kahle, kunganakiwe noma ukungakulungeli noma ukwehluleka okunje kudalwa yimpilo engeyinhle yelungu engafikeli esimweni okubhekiswe kuso esigabeni esingaphansi 1e.
e noma uma ukuqashwa kwalo okuqhubekayo kuyingozi yezokuphepha eMbusweni noma uma ukuvunyelwa kwezokuphepha okudingekayo ukusebenza ngokuthile, ngokuqashwa kwalo esikhundleni kwenqatshwa noma kuhoxiswa.
Ilungu loMbutho oseMbuthweni ngokuPhelele elingabikho ngokwalo emsebenzini osemthethweni ngaphandle kwemvume yomphathisikhundla owengamele isikhathi esedlula izinsuku ezi-30, kufanele lithathwe njengelixoshiwe uma ngabe lingumphathisikhundla noma lidedelwe uma lingelesinye isikhundla, ngenxa yokuziphatha kabi ukusuka osukwini olulandela masishane osukwini lalo lokugcina lokuba khona endaweni yalo yokusebenza, kepha uMphathi oMkhulu wezokuVikela, ekukhonjisweni kwezizathu ezizwakalayo, angagunyaza ukubuyiselwa kwelungu elinje ngokwezimiselo angahle azinqume.
Igama lelungu elinsebenzo yalo iqediwe ngokwesigaba esingaphansi kuka ab noma isigaba esingaphansi 2anoma b nelingahle libe alingenanga ngokuzithandela eMbuthweni oBekwe eCeleni, kufanele ligcinwe ohlwini lwabasebenzi.
a ngenkathi liqashwe ekuvikeleni iRiphabhuliki; noma b ngenkathi kusalindelwe izinyathelo eziyizenzo zokujezisa ngalo.
Ilungu, okubhekiswe kulo esigabeni esingaphansi 1a no- d, elingahle libe lathola noma labe lithola ukufundiswa noma ukuqeqeshwa ngezindleko zoMbuso liyohlala lilindeleke ukuba likhokhe izindleko zezimalinjengoba kumele zikhokhwe ngokwesivumelwano senkontileka ephathelene nokufundiswa nokuqeqeshwa okunje.
Maqondana nalesigaba "ilungu" lisho nomsebenzi oqashwe nguMbutho wezokuVikela.
a belingasebenzi ukwenza imisebenzi yalo esemthethweni noma belingakholelwa ngokuyiqiniso ukuthi belenza kanjalo.
d liziphathe budedengu ngoba lithanda; noma e lehlulekile ukulandela noma lashaya indiva imiyalo okungeyona emincane ekhona emile ebeliyazi noma ebekulindelwe ukuba liyazi.
Nanxa ukungalungi kwelungu ukuthola ukumelwa kwezomthetho ngenxa yanoma yiziphi izizathu ezibalwe esigabeni esingaphansi 2a ukuya ku-e uMmeli woMbuso angathi ngokwesicelo soMnyango, enze ukuba lelolungu lithole ukumelwa ngokomthethoanikeze ukumelwa ngokomthetho uma uMbuso unokuwuthintayo kumphumela wecala.
Ukumelwa ngokomthetho okucetshwa esigabeni esingaphansi 2 kunganikezwa uma ilungu livuma ukuthi noma yiziphi ezinye izindleko ezi tholwa nguMmeli woMbuso zingathathwa kulelo lungu elishiwoyo.
Noma yimuphi umuntu okusebenza lo Mthetho kuye noma olinyazwe noma yisiphi isenzo noma noma ukweqiwa okwenziwe yinoma yimuphi omunye umuntu okusebenza kuye lo Mthetho, angafaka isikhalo sakhe ngokuthi asibhale.
UNgqongqoshe kufanele abeke izindlela zenqubo, okuthi ngaphakathi kwezinye zibuye zibeke ukusetshenzwa okusheshisayo kanye nemigudu okufanele ilandelwe amalungu namaqembu oMnyango maqondana nokubhekwa kwezikhalo zabantu ngabodwana noma ngamaqembu.
UNgqongqoshe angenza noma yisiphi isenzo mayelana nanoma yisiphi isikhalo esiphathelene noma esivela ekuqashweni noma ezimiselweni zensebenzo zowabe elilungu ngenkathi elilungu, uma uNgqongqoshe, esikhathini esifanele, wayezobe elungele ngokwalo Mthetho noma ngokwanoma yimuphi omunye uMthetho ukwenza isenzo esinje mayelana nelungu elalisebenza.
Akunasenzo esicetshwa esigabeni esingaphansi 3 esingenziwa ngemuvakokuphela kwesikhathi seminyaka emibili ngemuva kosuku okwathi ngalo owabe eyilungu wagcina ukuba yilungu.
UNgqongqoshe ngokulandela isigaba 31 soMthethosisekelo anganquma imithetho kanye nezinqubomigomo zokugcinwa kwezenkolo eMbuthweniwezokuVikela ngokubonisana noMkhuzi woMbutho wezokuVikela.
UNgqongqoshe angasungula izikhungo zokuqeqesha zezokuvikela ngezinhloso zokunikeza ukunikezwa imiyalo nokuqeqeshwa kwamalungu kanye nabasebenzi boMnyango.
Noma yisiphi isikhungo esimiwe ngaphambi kokuqala kwalo Mthetho ngezinhloso zokunikeza imiyalo yasemasosheni noma kanye nokunye ukuqeqeshwa, okungaba ngaphansi komthetho ochithwa ngalokhu noma ngenye indlela, kufanele ithathwe njengesikhungo sokuqeqesha sezokuvikela esisungulwe ngaphansi kwalesi sigaba.
UNgqongqoshe kufanele aqinisekise ukuthi ukuqeqeshwa kwamalungu kanye nabasebenzi boMnyango kuvikela izinto, futhi kulandela uMthethosisekelo kanye nomthetho kufaka phakathi imithetho yamazwe ngamazwe eyisiko kanye nezivumelwano zamazwe ngamazwe eziyizibopho kuRiphabhulikhi.
Ukuqeqeshwa kwamalungu kuyingxenye edingekayo yokulungiswa kwebutho futhi kungabandakanya ukunikwa imiyalo kunoma iyiphi indawo yamasosha noma yemfundo ephakeme emhlabeni, kanye nokuqeqeshwa okwenziwa ngokuthi kwenziwe lowo msebenzi ofundiswayo okufanele kufake phakathi ukuqeqeshwa komzimba, ezemidlalo, imisebenzi yezokungcebeleka ehleliwe kanye nezivivinyo zamasosha.
Abasebenzela noma iyiphi inhlangano yokuqeqesha yezokuvikela kufanele babe ngamalungu oMnyango okhonjwe nguMkhuzi woMbutho wezokuVikela.
Isikhathi esithathwayo kanye nencazelo yezifundo zemiyalo kanye nokuqeqeshwa kuzo, izimiselo zokwemukelwa kuzo, izimiselo zokusebenza kwesikhathi esizayo okudingekayo kubantu abaqeqeshiwe kanye nazo zonke izindaba eziphathelene nokuphathwa okuhle, ukuphathwa nokuqondiswa kwanoma yisiphi isikhungo esinje kunjengoba kubekiwe.
Wonke amalungu angaphansi kwemiyalo nokuqeqeshwa kunoma yisiphi sikhungo sokuqeqesha sezokuvikela eRiphabhulikhi angaphansi koMthethonqubo.
Ngokwezinhloso zesigaba esingaphansi 1 kanye nangokwezinhloso zamandla esikhundla, ezokushushisa kanye nezokujezisa, ilungu lelinye ibutho kufanele lithathwe njengelibambe okulingana nesikhundla eMbuthweni wezokuVikela njengoba kunqunywe nguMkhuzi woMbutho wezokuVikela.
Ngokwesigaba no kanye noMthetho kaZwelonke wokuGcinwa kwezeMvelo ka 1998, (Act No. 107 ka 1998), uNgqongqoshe angathi, ngokucelwa nguMkhuzi woMbutho wezokuVikela, njengoba nalapho izidingo eziphuthumayo zokuqeqeshwa zikudinga, angakhetha noma iyiphi indawo, engaba sendaweni kawonkewonke noma yangasese lapho uMbutho wezokuVikela ungenza ukuvivinywa okuhambisana nokwezamasotsha khona.
a Ngaphambi kokuthatha izinyathelo ngokwesigaba esingaphansi kuka 1 uNgqongqoshe kufanele akhiphe isaziso kuGazette kanye nesaziso okungenani ngezilimi ezimbili ezisemthethweni emaphephandabeni atholakala kuleyondawo ekhethwe njengendawo yokuviva ngaphansi komthetho 1 futhi ameme bonke abanomdlandla ngaloludaba ukuba amnike izikhalo zawo mayelana nalokho kungekedluli usuku oluphawulwe kulesaziso.
b Ukumelwa okuwuloluhlobo kufanele akubhekisise uNgqongqoshe ngaphambi kokuba athathe isinyatheklo ngokwesigaba 1.
a Ngaphambi kokuba uNgqongqoshe abe umhlaba wangasese ngaphansi kwesigaba 1, kufuneka athole imvume yohlala kulowomhlaba ngokomthetho.
b Uma leyomvume igodlwa ngendlela engafanele noma kulukhuni ukuyithola emva kwemizamo eminingi, uNgqongqoshe angawaba lowomhlaba.
a akhiphe isitifiketi uma usuphelile umsebenzi obuwenziwa ngamasotsha esichaza ukuthi indawo obekwenzelwa umsebenzi othize kuyo ayisenazikhali nokunye okungadala ukulimala; futhi b abeke nezimiselo ohlala kuleyondwo angacela ngazo ukunxephezelwa nganoma yimuphi umonakalo noma ukulahlekelwa okwenzekile okungumphumela oqondene ngqo nokuvivinywa okuhambisana nokwezamasosha.
UNgqongqoshe kufanele asungule isibalo samabhodi esidingekayo.
Imisebenzi yebhodi ukulalela izicelo zamalungu oMbutho oseMbuthweni ngokuPhelele noma awoMbutho wamaRizevu, zokukhululwa noma ukuhlehliswa kokuphelele noma kwengxenye yokuqeqeshwa nokusebenza kwawo kuye ngesimo.
i abe ngumuntu oqhamuka ngaphandle koMnyango wezokuVikela ongumuntu ophilile nofanele ukubekwa njengoMgcinisihlalo; futhi abe ii abe yilungu loMbutho oseMbuthweni ngokuPhelele elisezingeni lomphathisikhundlla ongaphansi noma ngaphezulu onolwazi olwanele ezindabeni zokusebenza nezabasebenzi boMbutho wezokuVikela.
ilungu loMbutho wamaRizevu elisesikhundoeni sika-warrant officer noma ngaphezulu elinolwazi olunzulu ngokuphatha nabasebenzi boMbutho wezokuVikela.
b UNgqonqgoshe angabeka amalungu a ukuba athathe indawo yamalungu angekho kunoma yimuphi umhlangano webhodi, futhi kunoma yimuphi umhlangano onje ilungu elingelinye linamalungelo kanye nezibopho ezifanayo nezelungu elithathe indawo yalo.
Uma uSihlalo noma ashintshana naye engekho emhlanganweni webhodi, amalungu akhona kufanele omunye wawo ukuba abe ngusihlalo walowomhlangano okungathi kulowomhlangano enze yonke imisebenzi kasihlalo.
d Isibalo esilingene ukuxoxa indaba emhlanganweni webhodi sihlanganiswa nguMgcinisihlalo, nelungu okukhulunywe ngalo esigabeni aii nelungu elilodwa elichazwe kwindima a iii.
e Isinqumo seningi lamalungu ebhodi akhona emhlanganweni webhodi yisona esiba yisinqumo sebhodi, uma amavoti elingana maqondana nodaba oluthize , ilungu elingusihlalo liba nelinye ivoti elingaphezulu lokuthatha isinqumo nelokuvala impikiswano.
UNgqongqoshe angenza imithetho engahle idingeke ukuqondisa indlela okwenziwa ngayo kanye nokukuqhutshwa komsebenzi wamabhodi.
Ilungu lebhodi elingaqashiwe ngokugcwele nguMbutho wezokuVikela noma yiNsebenzo yezoMphakathi kufanele likhokhelwe inkokhelo nezimali ezivunyiwe ekungahle kunqunywe nguNgqongqoshe, ngokubonisana noNgqongqoshe wezeziMali.
a Ngokulandela isigaba b, isinqumo sebhodi ekwenzeni noma yiliphi igunya noma umsebenzi obekwe noma ongaphezu kwalo ngaphansi kwalo Mthetho sinumnqamula juqu, kepha akunalutho kulo Mthetho okungathathwa njengokuvalela umfakisicelo ekuthini afake izikhalo ezifanele eNkantolo ePhakeme yeRiphabhulikhi ukuba ibukeze isinqumo seBhodi nokuthi afune ukulungiselwa nokududuzwa okufanele.
b IBhodi elinikeze ilivu noma elenqabele isicelo, uma lenelisiwe ukuthi amaphuzu okwesekelwe kuwo isinqumo esinje aguqukile, futhi nangemuva kokunikeza wonke amaqembu athintekayo ithuba lokulalelwa, lingahoxisa noma liguqule isinqumo salo ukusuka osukwini olunqunywe yiBhodi.
NgokoMthetho wokuKhuthaza ukuTholakala koLwazi ka 2000 Act No. 2 of 2000, akunamuntu ongaveza noma yiluphi ulwazi olutholakale ekusetshenzisweni kwamagunya akhe noma ekwenzeni imisebenzi yakhe ephathelene nokwenziwa kwemisebenzi noma ubufakazi obulethwe ngaphambi kweBhodi ngokwalo Mthetho ngaphandle kwemvume etholakele kuNgongqoshe.
noma yimuphi umuntu onentshisekelo, kufaka phakathi umqashi welungu loMbutho oBekwe eCeleni esebenza egameni lomuntu ocetshea endimeni (a) noma(b) ngemvume ebhaliwe yomuntu onjena.
Noma yisiphi isicelo esenziwe noma esimayelana nomuntu ocetshwa esigabeni esingaphansi 1a kufanele siqondiswe futhi sifakwe kuMgcinisihlalo weBhodi futhi noma yisiphi isicelo esenziwe ngumuntu noma mayelana nomuntu ocetshwa esigabeni esingaphansi 1b kufanele siqondiswe kuMgcinisihlalo weBhodi futhi sifakwe nakumphathisikhundla owengamele iviyo umuntu othintekayo asebenza kulo.
a Wonke umuntu owenze isicelo ngokwalesi sigaba noma owenzelwa isicelo esinje, kufanele ngezindleko zakhe abe khona ngesikhathi nasesendaweni enqunywe yiBhodi futhi azilethe kunoma yikuphi ukuhlolwa okuphathelene nanoma yiluphi udaba oluxhumene nesicelo.
b Umuntu oze njengoba kubekwe kwindima a, kufanele akhokhelwe ngezindleko angene kuzo ngendlela ebekiwe.
IBhodi kufanele lenze uphenyo olungahle ludingeke mayelana nanoma yisiphi isicelo noma ukukhalaza.
IBhodi lingahlala kunoma iyiphi indawo engaphansi kwempatho yoMbutho wezokuVikela, ngezinhloso zokulalela ubufakazi noma ukudingida udaba.
a Ngokwezinhloso zokuqinisekisa noma yiluphi udaba olumayelana nophenyo, iBhodi linegunya lokubiza ofakazi, lokwenza ukuba bathathiswe isifungo noma bavunyiswe, lokubahlola, kanye nokucela ukuthi kukhishwe izincwadi, imibhalo nezinto.
b Isamanisi lokuba khona kukafakazi noma lokukhishwa kwanoma iyiphi incwadi, umbhalo noma into ngaphambi kweBhodi kufanele lisayinwe futhi likhishwe nguMgcinisihlalo weBhodi efomini elibekiwe futhi kufanele lisayinwe ngendlela efanayo njengeyesamanisi lokuba khona kukafakazi ecaleni lombango enkantolo kamantshi lapho kuzoyiwa noma kuzosetshenzwa khona.
c Uma ecelwa ukuba enze njalo nguMgcinisihlalo weBhodi, ufakazi kufanele, ngaphambi kokunika ubufakazi, athathe isifungo noma ukuvunyiswe okwethulwa nguMgcinisihlalo weBhodi noma umphathisikhundla weBhodi oyokhonjwa nguMgcinisihlalo.
d Noma yimuphi umuntu obizzwe ukuba abe khona ekuhlaleni kweBhodi njengofakazi noma onikeze ubufakazi ngaphambi kweBhodi unelungelo lokucela izindleko ezivelile emalini yomphakathi ngokwesilinganiso esisebenza kufakazi ecaleni lezakhamuzi enkantolo kamantshi.
e Mayelana nokunikezwa kwanoma yikuphi ubufakazi noma ukukhishwa kwanoma iyiphi incwadi noma umbhalo ngaphambi kweBhodi, umthetho obhekene nelungelo njengoba usebenza kufakazi onika ubufakazi noma obizwe ukuba akhiphe incwadi noma umbhalo enkantolo yezakhamuzi uyasebenza.
b linganikeza isicelo ngaphansi kwezimo elizibona zifanele.
c linganikeza sonke isicelo noma ingxenye yaso kwencike eziguqulweni elingahle lizibone zidingeka; noma d lingasenqaba isicelo.
IBhodi kufanele linikeze izizathu zesinqumo salo.
Akunakuhlehliswa okunganikezwa okunomphumela wokuphoqa umfakisicelo ukuba aqale iNsebenzo noma ukuqeqeshwa ngemuva kokufinyelela iminyaka engamashumi amahlanu.
b uukuba ahlale ekhona kuze kube sesiphethweni sokuhlolwa noma aze akhululwe nguMgcinisihlalo weBhodi ekuqhubekeni abe khona; noma ukukhipha noma iyiphi incwadi, umbhalo noma into ekuye noma engaphansi kwempatho yakhe, acelwe ukuba ayikhiphe.
a enqabe ukufungiswa noma ukuvunyiswa njengofakazi ngemuva kokuthi ecelwe nguMgcinisihlalo ukuba enze njalo; noma b ngemuva kokufungiswa noma kokuvunyiswa, ehluleka ukuphendula ngokugcwele nangokwenelisayo noma yimiphi imibuzo ebekwa kuye.
Umuntu otholwa enecala ngokwendima 1 no 2, angahlawuliswa noma athole ukugqunywa ejele isikhathi esingedluli izinyanga ezintathu.
Noma yimuphi umuntu othi ngemuva kokuba afungiswe noma avunyiswe anikeze ubufakazi obungelona iqiniso ngaphambi kweBhodi nganoma yiluphi udaba, ebe azi ukuthi ubufakazi obunje ukuthi akulona iqiniso noma engakholelwa ukuthi buyiqiniso, unecala futhi angagwetshwa ngesijeziso esibekwa kumuntu otholwe enecala lokuqamba amanga efungile.
Noma yimuphi umuntu ochazwe kwisigaba 67 (a), (b) noma (c) onesikhalo ngesinqumo sebhodi angafaka isicelo kuNgqongqoshe sokubuyekezwa kwesinqumo.
Ukwamukelwa kwesikhalo ngokwesigaba 1 akusimisi isibopho somuntu sokuyoqeqeshwa okulindeleke ukuba akwenze noma ukwenza umsebenzi othize.
b kufanele siyiswe noma sithunyelwe kuNgqongqoshe ekhelini lalapho ekhona, sithunyelwe kwinombolo yakhe yefeksi noma sithunyelwe nge e-mail bese ikhophi yaso ithunyelwa noma iyiswe kuSihlalo webhodi ekhelini lakhe, kwinombolo yakhe yefeksi noma ngeposi le e-mail.
c Kufuneka sichazwe isihloko sesikhalo kubekwe nezizathu zokufaka isikhalo kanti lungafakwa nolunye ulwazi oluwusizo noluphathelene naloludaba; bese d Kubhalwa nekheli leposi noma inombolo yefeksi yofaka isikhalo.
a Uma isicelo sesikhalo sifakwa sesidlulile isikhathi esibekwe kwisigaba 1 a, uNgqongqoshe angaluvumela udaba ukuba lwemukelwe yize sesedlulile isikhathi uma kunezizathu ezibambekayo zokudlulelwa yisikhathi kodaba.
bUma uNgqongqoshe enqaba ukuba udaba oseludlulelwe yisikhathi lwamukelwe, kufanele amazise ofaka isicelo sesikhalo ngaloko.
Ngokushesha okungase kwenziwe kungakapheli izinsuku ezintathu emva kokuthola ikhophi yesicelo sokubuyekezwa kodaba ngokwesigaba 1, uSihlalo webhodi kufanele anike uNgqongoqshe izizathu zesinqumo okuzoboniswana ngaso.
b izizathu ezethulwe ngusihlalo webhodi ngokwesigaba 71 3.
UNgqongqoshe angakhippha isiqiniseko sesinqumo okukhalwa ngaso, angalwedlulisela ebhodini udaba noma asesule isinqumo ebesithathiwe bese ekhipha isinqumo ngombono wakhe.
UNgqongqoshe kufanele asibhekisise isicelo sesikhalo ngokushesha okusemandleni akhe, zingakapheli izinsuku ezingu 30 emva kokuba esamukele.
Kufanele kuthi emva kokuthatha isinqumo ngodaba lwesicelo sesikhalo uNgqongqoshe akhiphe isinqumo esibhaliwe asedlulisele kofake isikhalo.
a sikhiphe izizathu zesinqumo futhi sifake nokusemthethwei osetshenzisiwe; futhi b sazise ofake isicelo ngamalungelo akhe okulwedlulisela enkantolo ymajaji udaba lwakhe.
Uma uNgqongqoshe ehluleka ukukhipha isaziso njengoba kubekwe kwisigaba 4, kufanele athathwe njengosemukele isicelo sesikhalo.
UMongameli angangenisa izincwadi zomthetho zemihlobiso nezimendlela okumele zethweswe mayelana nokuziphatha ngesikhathi soxolo noma ngesikhathi sesimo sokuvikelwa kukazwelonke, kufaka phakathi nempi.
Abantu banganikezwa imihlobiso nezimendlela kwencike kokuqukethwe yincwadi yomthetho emayelana nomhlobiso noma imendlela enje.
c abangewona amasosha abayizihlobo zamalungu ayengawoMbutho wezokuVikela, ezimpahleni ezifanele ezingezona ezamasosha njengoba kubekiwe; kanye d nabemukeli abangewona amasosha.
Imihlobiso nezimendlela zaseNingizimu Afrika zendulela eminye imihlobiso nezimendlela ezinikezwe amalungu oMbutho wezokuVikela.
Umongameli kufanele akhiphe umyalo osemthethweni wokuhleleka ngokubaluleka kokugqokwa kwemihlobiso nezimendlela.
Izimendlela ezinikezwe yinhlangano engewona uMbuso noma iNhloko yoMbuso ayinakugqokwa ngamalungu oMbutho wezokuVikela ndawo yinye nezinye izimendlela zawo.
Amaviyo oMbutho wezokuVikela angakhombisa lapho eviliyela, amafulegi, ukuhlonishwa, imiklomelo nezinye izimpawu kuphela, ezibekiwe.
Noma yimuphi umhlobiso noma imendlela engeniswe noma eyemukelwe ngaphambi kokuqala kwalo Mthetho, ngokulandela noma yikuphi okuqophisanayo okuqukethwe ekuhlonishweni nasemithethweni yokuphathwa kwalokho, kunganikezwa, kanye nanoma yikuphi ukugunyazwa, ukuvunyelwa, incwadi yomthetho noma isitifiketi okuphathelene nomhlobiso noma imendlela enje kungaqhutshwa, kuguqulwe noma kwesulwe nguMongameli.
UNgqongqoshe angenza noma adale ukuthi kwenziwe zonke izinto ezidingekayo ekuvikelweni kweRiphabhulikhi, indawo yayo kanye nabahlali bayo.
i Ukuthwalwa kwanoma yimuphi umuntu ongeyena umphathisikhundla nomaisisebenzi soMbuso osebenza ekwenziweni kwemisebenzi yakhe , noma yiziphi izimpahla ezingezomuntu onje, ngokusebenzisa isithuthi, indiza noma umkhumbi ongowoMnyango; noma ii ukusetshenziswa kwanoma yisiphi isithuthi, indiza, umkhumbi, izinto ezisetshenziswayo, noma yinoma iyiphi enye impahla okungeyoMnyango, yinoma yimuphi umuntu ongeyena umphathisikhu ndla noma isisebenzi soMbuso osebenzaukwenza imisebenzi okungeyakhe.
b Noma yiliphi igunya elicetshwa esigabeni a lingenziwa ngokulandela izimiselo uNgqongqoshe angahle azinqume.
UNgqongqoshe, kungathi ngokubhala agunyaze uNobhala wezoMbutho wokuVikela noma uMkhuzi woMbutho wezokuVikela ngamandla noma ngemisebenzi ebisemahlombe akhe ngaphandle kwamandla okushaya imithetho kanti uma kunguMkhuzi woMbutho wezokuVikela, amandla okuthumela uMbutho wezokuVukela endaweni ethize ukuba uyosebenza khona njengoba kuchazwe kwisigaba 18.
ukubekwa kokuhlelwa ngokwezokuphepha kwezindawo nezibonelelo zoMnyango.
n nobudlelwane kwezemisebenzi phakathi kwamalungu oMbutho wezokuVikela noma kanye noMbuso njengomqashi wabo, kufaka phakathi ukuxazululwa kwezingxabano kanye nokusungulwa kwezindlela zokwenza ezidingekayo zezemisebenzi ezishiwoyo kanye nokuphathwa kwezindaba ezinje.
zC Ukwesekwa uMnyango ongase ukunike izinhlangano zemiphakathi ezaziwayo nezemukelekile nezinye izinhlangano maqondana nezinhlelo zentuthuko.
zD noma yiluphi udaba loMthetho odinga ukuba lwamukelwe kukhishwe isincomo ngalo noma okufanele kukhishwe isincomo ngalo ukuze kuqinisekiswe indlela yoMnyango yokuphatha ngokufanele.
a esingaba nomphumela ekusetshenzisweni kwezimali zombuso, zingenziwa kuphela ngokuhambisana nesigaba 63 no 64 simthetho wokuPhathwa kweZimai zikaHulumeni ka 1999 Act No.
i noma yikuphi ukwehliswa kumalungelo amalungu; noma ii ukubekwa kwezijeziso.
UNgqonqgoshe, ngesaziso kuGazette, angakhetha uphawu oluzosetshenziswa ezilwaneni, ezintweni ezisetshenziswayo noma Izinto ukukhomba ubunini boMnyango noma banoma yiliphi umbutho ohambele.
okungephucwa noma kubanjwe noma ngaphansi kwencwadi yomthetho engahle ikhishelwe umqashwa woMnyango noma yinoma ikhishelwe noma yiliphi ibutho elihambele.
iiukufinyelela kumarekhodi asenesikhathi ekhona esingaphansi kweminyaka engamashumi amabili kungatholakala kuphela ngokulandela izimiselo ezingahle zinqunywe nguMabhalane oMkhulu wezokuVikela.
i lishayela isithuthi sasemasosheni noma lisebenzisa noma iyiphi enye indlela yokuthutha yasemasosheni; noma ii liveza ubulungu balo boMbutho wezokuVikela ngokukhombisa umazisi wasemasosheni walo kanye nemibhalo efanele yokugunyazisa.
UMkhuzi woMbutho wezokuVikela anganquma ukuthi isigaba esingaphansi f asisebenzi kunoma yiliphi ilungu elithile noma iqembu lamalungu oMnyango, kuthathwe njengezindleko ezigunyaziwe.
Akukho Mbuso noma ilungu noma isisebenzi esinesibopho (ngaphandle kwalapho kunesenzo sangamabomu noma ukungenziwa ohlangothini lwalelo lungu) kunoma yimuphi umuntu osebenzisa ngaphandle kokugunyazwa noma yisiphi isithuthi, indiza noma umkhumbi ongaphansi kwezandla zoMnyango, noma kunoma yimuphi umuntu owondliwa yilowo muntu onje, ngokulahleka noma umonakalo empahleni okubangwe ukulimala komzimba, ukulahleka kwempilo noma ukulahleka noma umonakalo ezimpahleni okubangwe noma okuvela noma okuxhumene ngandlela thize nokusetshenziswa kwesithuthi, indiza yezinto ezisetshenziswayo noma umkhumbi.
b osebenzisa noma iyiphi enye impahla yoMnyango; noma c onikezwa izinsebenzo nguMnyango, noma kunoma yimuphi umuntu owondliwa ngumuntu onje, mayelana nanoma umonakalo ongumphumela wanoma yikuphi ukulimala ngokomzimba, ukulahleka kwempilo noma ukulahleka kwempahla noma ukonakala kwempahla okudalwe noma okuvela noma ngandlela thize okuxhumene nokusetshenziswa kwesithuthi, indiza noma umkhumbi onje, noma enye impahla noma insebenzo enje.
Uma uMbuso ukhokhe noma yisiphi isinxephezelo mayelana nesikhalo yinoma yimuphi umuntu ocetshwa esigabeni esingaphansi 2, umBuso, ngaphandle kokuthi uthole noma yikuphi ukuyekelwa kwelungelo lokuthatha isinyathelo okusemthethweni, ungalanda kumuntu othintekayo ngokulahlekelwa noma umonakalo, inani elikhokhwe njengesinxephezelo noma yinoma yiliphi inani elingaphansi elinqunywe nguNgqongqoshe ngokubonisana oNgqongqoshe wezeziMali.
a ube nezindleko noma ukhokhe noma iyiphi imali nokwelashwa ngemithi kwezamazinyo noma esibhedlela noma ukwelashwa esibhedlela kokulimala okusemzimbeni kwelungu loMbutho wezokuVikela noma ukunikezwa kwezinto ezixhumene nalokho kwelashwa; noma b wenze noma iyiphi inkokhelo neholo, inkokhelo, izimaIi ezivunyiwe noma yinoma yisiphi isinxephezelo elungwini ngesikhathi sokukhinyabezeka kwalo, futhi nezindleko zivelile noma kukhokhiwe ngaphansi kwezimo lapho ilungu noma ifa lalo ngokunye belingathola imali komunye ngenxa yokulimala komzimba noma ukukhinyabezeka kwelungu, uMnyango, ngaphandle kokuthola ukuyekelwa kwelungelo elisemthethweni lokwenza, uzoba namalungelo afanayo elungelo lokuthola usizo kulowo muntu mayelana nokubuyiselwa kwezinkokhelo ezenziwe njengoba lelo lungu noma ifa lalo lalinazo kulowo muntu.
a nokweqa umthetho nokucasula, ngesizathu kuphela okundiza kwendiza noma umkhumbi womoya osetshenziswa egameni loMnyango, kunoma iyiphi impahla ekuphakameni okunake isimo sezulu nazo zonke izimo zesehlakalo leso kwemukeleka; noma b yinoma yisiphi isenzo esemukelekile esibangwa okwenziwa ma kwakhiwa imikhumbi noma ukulungiswa okwenziwa emikhunjini nguMbutho wezasoLwandle waseNingizimu Afrika kunoma yisiphi isikhumulo semikhumbi..
Noma yiliphi ilungu loMbutho wezokuVikela lingangena emhlabeni wangasese ngokusebenzisa indawo engengaphezu kwamakhilomitha angu 10 ububanzi ngasemngceleni waseRiphabhlikhi uma liyogada umngcele kazwelonke linemvume yomhlali noma umnikazi walowomhlaba ngokomthetho.
Uma imvume igodlwa ngokungafanele noma ingatholakali emva kokuzama, uNgqongqoshe angayikhipha imvume ebhaliwe yokuba kungenwe ngezizathu esezichaziwe.
a Akukho lungu elingangena kunoma yimuphi umhlaba ngaphandle kokuba umhlali walowomhlaba ekhiphe imvume noma enikwe ikhophi yencwadi yemvume kaNgqongqoshe yokuba kungenwe kulowomhlaba.
c Uma umhlali womhlaba okukhulunywa ngawo engatholakali, ikhophi yemvume kaNgqongqoshe kufanele ichonywe endaweni egqamile kulowomhlaba ngaphambi kokuba kugadwe lowomngcele.
Kufanele uNgqongqoshe abeke izimo isinxephezelo esingakhishwa ngaso sinikwe umhlali wendawo okufohlwe kuyo uma kunomonakalo noma ukulahekelwa okudaleke ngenxa yokungena kuwo ngokwalesigaba.
a kuzulelwa yimpi, okuhlanganisa ukungenelwa yimpi, ukuhlaselwa kuhlonyiwe noma ngamagciwane ukungqubuzana kuhlonyiwe; noma b kungenelwa noma kungenelwe yimpi noma ngama-cyber noma kungaphansi kokuhlaselwa kuhlonyiwe noma kungaphansi kwesimo sokungqubuzana kuhlonyiwe.
Ngemuva kokumenyezelwa kwesimo sokuvikelwa kwezwe uMongameli anganika ngesimemezelo ephephandabeni likahulumeni (iGazette) ukugunyaziswa kokuviviswa kwabantu ukuba bazosebenza eMbuthweni wezokuVikela uma kudingeka ukuba kugcwaliselwe inani lamalungu asebenzayo.
UMongameli, kungathi uma efuna ukuqoqa umbutho maqondana nesinyathelo okufuneka sithathwe ngesikhathi sesimo sokuvikelwa kwezwe, futhi uma kusasesthenziswa isimemezelo ezimemezela isimo sokuvikelwa kwezwe, ngesimemezelo ephephandabeni liahulumeni (iGazette) , angenza izimiso ezidingekayo noma ezifanele ukubhekana nanoma yisiphi isimo esivelile noma esingahle sivele ngenxa yesimo sokuvikelwa kwezwe kanye nokwenza amalungiselelo enele okuqeda isimo sokuvikela. kwezwe.
d nemiyalelo nezimiselo zokudedelwa nokukhipha ensebenzweni.
l izindawo zokugcina noma zokuvalela; kanye m nokuyekiswa kwabantu ekuqedeni kwabo insebenzo kanye nalapho ukumenyezelwa kwesimo esiphuthumayo susiwe.
a samalungu oMbutho wezokuVikela abekwe ukuba asebenze ngaphansi kweziphathimandla zoMbuso, isikhungo noma inhlangano inhlangano; noma b sabasebenzi bamasosha bangaphandle kanye nabakuhlosile ngenkathi abasebenzi bethunyelwe kuRiphabhuliki.
c kufanele yenziwe ngokulandela uMthetho olisiko wamazwe ngamazwe kanye nezinye izivumelwano zamazwe ngamazwe eziyizibopho kuRiphabhuliki; futhi ayinakuba nomphumela wokuhoxisa emagunya nemisebenzi kaMongameli, kaNgqongqoshe, koMkhuzi womButho wezokuVikela noma uNobhala wezokuVikela mayelana nelungu elinje.
a angafaka okwesikhashana eMbuthweni wezokuVikela noma yiliphi ilungu lombutho wanoma yiliphi izwe noma inhlangano yamazwe ngamazwe ebekwe ezandleni zikaNgqongqoshe ngaleyo nhloso yiziphathimandla zezamasosha zalelo zwe noma inhlangano yamazwe ngamazwe; kanye b ngaphansi kwezimiselo ezisebenza kulelo lungu, angabeka noma yiliphi ilungu lenhlangano yamazwe ngamazwe ezandleni zeziphathimandla zezamasosha zanoma yiliphi izwe noma inhlangano yamazwe ngamazwe ngezinhloso zokuba lifakwe okwesikhashana yilezo ziphathimandla emibuthweni yalelo zwe ngokulandela izigaba 88 no-94, inhlangano yamazwe ngamazwe, njengoba kungahle kudingeke.
a Ngaphansi kwesigaba b, ilungu lombutho wanoma yiliphi elinye izwe noma inhlangano yamazwe ngamazwe elifakwe okwesikhashana eMbuthweni wezokuVikela lingaphansi komthetho osebenza kuleyo ngxenye yoMbutho wezokuVikela elifakwe kuwe futhi kufanele liphathwe futhi linegunya elifanayo lokwengamela nokujezisa kumalungu oMbutho wezokuVikela sengathi belilungu lalowo Mbutho wesikhundla esilingana naleso esiphethwe yilo njengelungue lezwe noma inhlangano yamazwe ngamazwe eliqhamuka kuyo.
b UMongameli, ngesimemezelo ephephandabeni likahulumeni iGazette, angayalela ukuthi mayelana namalungu ombutho wanoma yiliphi izwe noma inhlangano yamazwe ngamazwe echazwe esimemezelweni, imithetho ephathelene noMbutho wezokuVikela isebenza nokukhishwayo futhi nangaphansi kokuphendukisela nezinguqulo ezingahle zichazwe kanjalo.
b kanye nangokulandela isivumelwano samazwe ngamazwe, kunganakiwe ukuthi ngabe ilungu elinje, ngokomphumela wesinqumo sikaNgqongqoshe, lifakwa okwesikhashana eMbuthweni wezokuVikela noma kusiphi esinye isitho soMbuso salelo zwe elinye.
a esebenza ndawonye, lelo nalelo lungu lalowo mbutho wamasosha kufanele lithathwe njengelinegunya futhi linegunya lokwengamela kulawo malungu oMbutho wezokuVikela, anjengoba uma beliyilungu loMbutho wezokuVikela wesikhundla esihambelana naleso; futhi b esebenza ngokuhlangana, lowo nalowo mphathisikhundla walowo mbutho wamasosha obekwe ukuba engamele imibutho ehlanganisiwe noma yinoma iyiphi ingxenye yayo kufanele athathwe njengonegunya futhi unamagunya okwengamela nokujezisa ngaphezu kwalawo malungu oMbutho wezokuVikela anjengoba belingumphathisikhundla woMbutho wezokuVikela wesikhundla esihambelana naleso.
futhi b asebenza ngokuhlangana, lowo nalowo mphathisikhundla walowo mbutho wamasosha obekwe ukuba engamele imibutho ehlanganisiwe noma yinoma iyiphi ingxenye yawo, kufanele aphathwe futhi unamagunya okwengamela nokujezisa ngaphezu kwalawo malungu sengathi ubengumphathisikhundla woMbutho wezokuVikela wesikhundla esihambisana naleso.
Mayelana nezinhloso zalesi sigaba, uMbutho wezokuVikela kanye nanoma yimuphi uMbutho kufanele ithathwe njengesebenza ndawonye njalo uma uMongameli, ememezele ngezimemezelo ephephandabeni likahulumeni iGazette ukuthi isebenza kanjalo, futhi isikhundla esihambisanayo samalungu oMbutho wezokuVikela kanye nesombutho omunye onjalo sinjengoba kubekwe yisimemezelo esinje.
Izigaba 93 no-95 zisebenza nezinguquko ezidingekayo kunoma yiliphi ilungu loMbutho wezokuVikela elisebenza noma elenza njengoba kucetshwa esigabeni esingaphansi 1.
(a) Ngokwendima (b), inkantolo yamasosha noma okunye ukuphathwa kwamandla kombutho ohambele ezindabeni ezithinta ukuphatha kwangaphakathi kwalowombutho, okungafaka phakathi ukuphathwa kwempahla noma kwefa lelungu elishonile lalowo mbutho, ingasebenzisa wonke amagunya anjengoba ebekwe enkantolo noma kokunye ukuphathwa kwamandla nguMthetho walelozwe.
Imithetho esebenza mayelana namagunya, ukuvikeleka kanye namalungelo, kanye nokuqhubeka ngaphambi kwenkantolo yamasosha yeRiphabhuliki, kuyasebenza lapho kungasetshenziswa khona, namayelana nenkantolo yamasosha yezwe elisebenzisa amandla esikhundla ngokwaloMthetho.
e noma yiliphi ilungu elivalelwe ngokulandela isigwebo esinje noma kusalindelwe ukunqunywa kwecala eliboshelwe lona, kufanele lithathwe njengelisekugcinweni okusemthethweni.
a ilungu lalelo butho livalelwe ngenxa yembangela ebekwe kusitifiketi, singubufakazi bembangela yokuvalelwa kwalo, kepha hhayi obokuthi uyilungu elinje; futhi b nabantu abaphawulwe kusitifiketi bahlale njengenkantolo yamasosha yezwe lowo mbutho ongowalo, singubufakazi balelo qiniso.
Akukho okuzoqhubeka okumayelana nenkokhelo izimiselo zensebenzo noma ukudedelwa kwelungu lombutho ohambele ezizokwethanyelwa yinoma iyiphi inkantolo yeRiphabhuliki.
Ngokwezinhloso zokusiza izinkantolo zamasosha kanye neziphathimandla zamasosha zombutho ohambele ukuba zisebenzise amagunya eziwanikwe yilesi sigaba ngokusebenza kangcono, uNgqongqoshe, uma ecelwe ngalokho ngumphathisikhundla owengamele wombuso ohambele noma uhulumeni othintekayo, yimiyalo eyejwayelekile noma ekhethekile eqondiswe eMbuthweni wezokuVikela, angalayela ukuboshwa kwanoma yiliphi ilungu elisolwa ngokuba necala eliqophisana nomthetho walelo zwe futhi nokwedluliselwa komuntu oboshwe kanjalo kuziphathimandla ezifanele zombutho ohambele.
d ubeka kunoma yimuphi umuntu izibopho mayelana noMbutho wezokuVikela;noma e kujezisa noma yisiphi isenzo noma ukushiywa yinoma yimuphi umuntu mayelana noMbutho wezokuVikela kusebenza ngezinguquko ezifanele kwimibutho evakashile.
a kunoma yimuphi umhlubuki noma ongekho ngaphandle kwelivu yombutho ovakashile ; kanye b nakunoma yiluphi ilungu lombutho obekwe eceleni noma lombutho ovakashile elithi ngokwehluleka ukulandela isaziso esasilibiza ukubalizosebenza kunoma iyiphi indawo ngomthetho walelo zwe kungenzeka abhekane nesijeziso esifanayo nesomhlubuki, noma esomuntu ongekho ngaphandle kwelivu.
i kuhulumeni othintekayo, uma ilungu elinje lisolwa ngokuba ngumhlubuki; noma ii umphathisikhundla owengamele lowo mbutho, uma ilungu lelo lisolwa ngokungabikho ngaphandle kwelivu.
c Ilungu okukhulunywa ngalo esigabeni a kufanele ledluliselwe kuziphathimandla zalelo zwe endaweni ekuRiphabhulikhi okuvunyelenwe ngayo nguhulumeni nomaumphathisikhundla; njengoba kungahle kudingeke.
b umphathisikhundla owengamele umbutho ohambele othi umuntu ogaguliwe nochaziwe wayengekho ngaphandle kwelivu ngosuku lwesitifiketi kulowo mbutho uyemukeleka njengobufakazi bamaphuzu aqinisekiswe kanjalo.
Ngaphandle kokuthi uNgqongqoshe ayalele ngenye indlela, akunakuhlolwa kwendaba yokufa okungabanjwa ngembangela yokufa kwanoma yimuphi umuntu oshonile okuthe ngesikhathi sokufa kwakhe abe wayeyilungu lombutho ohambele noma ingxenye yabangewona amasosha ombutho onje.
Uma umantshi ohlola ngodaba lokufa enelisiwe ukuthi umuntu ongaphansi kwamandla ezinkantolo zombutho ohambele ubanjwe ngezinhloso zokubekwa icala, noma ubekwe icala ngaphambi kwenkantolo yalelo zwe, ngecala elisuselwa ekufeni okudingidwa ekuhlolweni; ngaphandle kokuthi uNgqongqoshe ayalele ngenye indlela uMqondisi-Jikelele:wezaseKhaya ngemininingwane edingekayo yokubhaliswa kokufa.
a Akunakuhlolwa kwendaba yokufa okumisiwe ngokwesigaba esingaphansi 2, okungaqalwa futhi ngaphandle kokuthi uNgqongqoshe ayalele kanjalo.
bLapho ukuhlolwa kwendaba yokufa kuphinde kwaqala ngokwemiyalo kaNgqonqgoshe, umantshi onamandla kufanele aqala okwenziwayo kabusha kepha akanakunikeza uMqondisi-Jikelele:wezaseKhaya noma iyiphi imininingwane noma eminye imininingwane yokubhaliswa kokufa.
Isigaba 203 soMthetho wokuBhaliswa kokuZalwa noKufa Act No. 51 of-1992, asisebenzi mayelana nalapho umzimba womuntu oshonile okuthe ngesikhathi sokushona kwakhe abe eyilungu lombutho ohambele noma lengxenye yabangewona amasosha yombutho onje, kumele ungcwatshwe noma ushiswe kunoma iyiphi indawo ngaphandle kweRiphabhulikhi ngaphandle kokuthi kungokungcwatshwa noma ukushiswa komzimba womuntu oshonile okumayelana n okufa kwakhe kwenziwe ukuhlolwa ngokufa lokho noma ukuhlolwa kuphindwe kwaqalwa ngokulandela imiyalo enikezwe nguNgqongqoshe ngaphansi kwesigaba esingaphansi 1 noma3.
UNgqongqoshe , uNobhala wezokuVikela noma uMkhuzi woMbutho wezokuVikela, kunoma yisiphi isikhathi noma indawo, angahlanganisa ibhodi ukuba lihlole noma yiluphi udaba oluthinta uMnyango, noma yiliphi ilungu noma isisebenzi, noma iyiphi impahla yomphakathi noma impahla noma izindaba zanoma iyiphi inhlangano noma izimali zamabutho noma zezemidlalo zombutho oshiwoyo , kanye nokunika umbiko ngalokho noma ukwenza isincomo.
Yize kunesigaba 1u Mkhuzi wesikhungo esithize noma umkhakha othize angayibiza noma nini noma kuphi ibhodi ukuba ihlangane iphenye ngomsebenzi walesosikhungo noma umkhakha noma yimuphi umsebenzi noma ilungu noma indawo kahulumeni noma izindaba zanoma iyiphi inhlangano noma isikhwama sebutho noma sezemidlalo salesosikhungo noma umkhakha bese lethula umbiko noma likhiphe isincomo.
auMkhuzi wesikhungo noma umkhakha kungathi ngemithetho ayibekayo adlulisele ngencwadi amandla akhe awanikwe ngokwesigaba 2 kunoma yimuphi umsebeni noma ilungu elingaphansi kwakhe.
b ukwedluliswa kwamandla ngokwesigaba a akumvimbi Mucus okukhulunywa ngaye ekusebenziseni lawomandla yena ngokwakhe.
Ibhodi lokuphenya kufanele lihlanganiswe ngomyalo wokuhlanganisa obhaliwe futhi kufanele liqukathe abantu abasebenza eMnyangweni wezokuVikela njengoba umuntu ohlanganisa ibhodi enganquma, kodwa lapho ibhodi lihlanganiswa ngumphathisikhundla wamasosha kufanele liqukathe okungenani umphathisikhundla oyedwa kanye nabaphathisikhundla abamaphakathi nabaphathisikhundla abanikezwe izikhundla ukwenza imisebenzi ethile nabangekho ezikhundleni ngoba bekhethiwe, abaphathizikhundla abangekho ezikhundleni ngoba bekhethelwe ukwenza umsebenzi othile noma izakhamuzi eziqashwe nguMnyango wezokuVikela abaningi kangangokungahle kunqunywe ngumphathisikhundla ohlanganisa ibhodi.
Noma yikuphi ukubhekisa kumongameli webhodi lokuhlola kufanele, lapho ibhodi liqukethe umuntu oyedwa, kuthathwe njengokubhekisa kulowo muntu.
c ubeke ngokucacile nangochazayo izimiso kuzosetshenzelwa kuzo yibhodi lokuhlola; futhi d ukhombise ukuthi ibhodi kudingeka libike nini ngelikutholile kanye nezincomo mayelana nodaba olubhekiswe kulo ukuba luhlolwe.
Lapho noma yiluphi udaba okumele luhlolwe yibhodi lokuhlola lungolohlobo oluyimfihlo noma oluyisifuba, umyalo ohlanganisa ungalisho lelo phuzu nokuthi izimiso okuzosetshenzelwa kuzo zizokwaziswa umongameli uqobo ngokuthi kubhalwe lokho.
Umuntu ohlanganisa ibhodi lokuhlola angabeka umuntu njengomabhalane webhodi futhi umabhalane onje kufanele enze imisebenzi, kufaka phakathi ukwethulwa kobufakazi obethanyelwe yibhodi, umongameli webhodi angadinga ukuthi akwenze.
b ofakazi okumele babizwe yibhodi; kanye c nomyalo ofakazi abazobizwa kuwo.
a Umbiko webhodi lokuphenya kufanele ubekwe usuku futhi usayinwe yilelo nalelo lungu lebhodi futhi wethulwe ngaphandle kokubambezeleka, kanye nerekhodi lokuqhubekile, kumphathisikhundla ohlanganise ibhodi.
b Lapho noma yiliphi ilungu lingavumelani khona nombiko, noma yikuphi okutholiwe, isiphetho noma umbono ovezwe yinoma yiliphi elinye ilungu noma amalungu nganoma yiluphi udaba, ilungu lingethula njengengxenye yombiko, owalo umbiko noma liveze okwalo elikuthoile, isiphetho salo noma umbono walo mayelana nalolodaba.
1 UMongameli wanoma yiliphi ibhodi lokuhlola angabiza noma yimuphi umuntu eRiphabhuliki ukuba abe khona kubhodi lokuhlola nokuthi anike ubufakazi lapho.
UMongameli wanoma yiliphi ibhodi lokuphenya anganikeza isifungo esibekiwe noma ukuvunywa kofakazi , abahumushi kanye nabaqophi ohlolweni olunje.
a Noma yimuphi umuntu onika ubufakazi ngaphambi kwebhodi lokuphenya angaphoqwa ukuba aphendule noma yimuphi umbuzo noma akhiphe noma yimuphi umbhalo uma umongameli webhodi lokuhlola eyala kanjalo.
b Akunampendulo ethela ngecala noma ulwazi olutholiwe noma ubufakazi obuthela ngecala obutholwe ngokuqondile noma okungaqondile embuzweni ngokwendima a okwemukeleka njengobufakazi obubhekene nomuntu othintekayo ekuqhubekeni kwecala enkantolo yomthetho noma ngaphambi lapho umuntu ebizelwe icala lokukhuluma amanga efungile noma elicetshwa esigabeni 10421.
Ngaphansi kwesigaba esingaphansi 5, ubufakazi balowo nalowo fakazi obiziwe yibhodi lokuphenya kufanele bunikezwe ngomlomo futhi ngokufungelwe noma futhi kufanele buqoshwe ngumongameli noma ngaphansi kweso lakhe.
b izindleko ezingafanele zingahle zivezwe ukuba khona kukafakazi; noma c ubufakazi bukafakazi bungobohlobo olungolomthetho.
b umuntu ongahle athinteke angaba khona kuyo yonke imihlangano yebhodi lapho ubufakazi obunje bethulwa khona, ukuze abuzisise noma yimuphi ufakazi onika ubufakazi obunje, ukuze anike ubufakazi yena luqobo lwakhe, yize kungabe ebizwe njengofakazi yibhodi, kanye nokuthi abize ofakazi.
UMongameli webhodi kufanele kusenesikhathi azise umuntu ocetshwa esigabeni esingaphansi ngesikhathi nendawo yalowo nalowo mhlangano onje futhi ameluleke ngamalungelo akhe anikezwe wona yileso sigaba esingaphansi.
a ekusebenziseni amalungelo akhe ngaphansi kwaleso sigaba esingaphansi angamelwa ngomele ezomthetho azikhethele yena ngezindleko zakhe; noma b uma umuntu ecela kanjalo, anikezwe umeluleki wezokuvikela emasosheni ngezindleko zoMbuso.
Ngaphambi kokuba kwethulwe irekhodi lokuqhubekile ngaphambi komuntu ohlanganise ibhodi, nezincomo ezifanele zebhodi lokuphenya kufanele zaziswe lowo nalowo muntu othinteka ngokungekuhle okutholiwe okunje kanye nezincomo futhi lowo muntu unelungelo lokubeka izikhalo zakhe zibhaliwe kumuntu ohlanganise ibhodi esikhathini esiyizinsuku ezi-14 zokwemukela okufinyelelwe nezincomo ezifanele.
Izigaba ezingaphansi 6 no-7 azisebenzi mayelana naliphi ibhodi lokuphenya elihlanganiswe ngaphansi kwesigaba 103.
Lapho noma yiliphi ilungu belingekho ngaphandle kwelivu isikhathi esingaphezu kwezinsuku ezi-30 futhi alikabikho, ibhodi lokuhlola kufanele lihlanganiswe ngumphathisikhundla owengamele ilungu elingekho ukuba liphenye ngokungabikho okunje.
Uma uphenyo olujwayelekile luveza noma yikuphi ukungapheleli kokugqokwayo, ezikhalini kanye nezinto ezisetshenziswayo noma noma iyiphi impahla kahulumeni enikezwe umuntu ocetshwa esigabeni esingaphansi 1, ibhodi lokuphenya lingahle libuye liphenye ngoku okunje.
Uma ibhodi lokuphenya lithola ukuthi ilungu elinje belingekho kanjalo izinsuku ezingaphezu kwa-30 futhi alikho ngaleyo ndlela, kufanele liqophe okutholiwe okunje, kufaka phakathi usuku lokuqala kokungabikho ngaphandle kwelivu, kanye nelikutholile nganoma yikuphi ukungabikho kokuthile kokugqokwayo izikhali nezinto ezisetshenziswayo kanye nanoma iyiphi enye impahla kahulumeni ayinikeziwe kanye nobungako bayo obulinganisiwe.
Noma yimuphi umqashi obandlulula ngokufanele basebenzi bakhe ngezizathu zokuthi isisebenzi leso sifisa ukuba yilungu loMbutho wamaRizevu ngokuzithandela, uba necala futhi kungenzeka ekulahlweni enecala akhokhiswe inhlawulo noma agqunywe ejele isikhathi esingedluli kunyaka owodwa.
Noma yimuphi umuntu obeka uphawu, owonakalisa noma ofihla noma yiluphi uphawu olukunoma iyiphi into esetshenziswayo, okuthiIe noma isilwane lapho uphawu olunje lukhombisa ubunini beRiphabhuliki noma banoma yimuphi uMbutho ohambele, unecala futhi ungenzeka ekulahlweni yicala akhokhiswe inhlawulo noma agqunywe ejele isikhathi esingedluli iminyaka emihlanu.
Noma yimuphi umuntu, othi ngaphandle kwegunya elidingekayo, alahle oma yikuphi okithile noma isilwane esisezandleni zoMnyango, noma othi ngenxa yokunganaki, alahle okuthiIe noma isilwane okunje, unecala futhi ekulahlweni yicala angakhokhiswa inhlawulo noma angagqunywa ejele isikhathi esingedluli iminyaka eyishumi nanhlanu.
Noma yimuphi umuntu ovimbela, owona, osusa, oshabalalisa noma owenza noma yisiphi isenzo kunoma iyiphi impahla esetshenziselwa ukuvikela noma ukuphephisa iRiphabhuliki, unecala futhi ekulahlweni yicala kungenzeka akhokhiswe inhlawulo noma agqunywe ejele isikhathi esingedluli iminyaka engama-25.
Noma yimuphi umuntu othi , ngaphandle kwemvume, abe nomfaniswano noma ogqoka imifaniswano ebekiwe, izimpawu ezigqamisayo noma izinto ezihambisana nezikhali noma izimpahla, noma owenza noma yisiphi isenzo esingavunyelwe ngenkathi egqoke umfaniswano onje, noma ngomfaniswano onje, izimpawu ezigqamisayo nezinto ezihambisana nezikhali noma izimpahla ezinje unecala futhi ekulahlweni yicala kungenzeka akhokhiswe inhlawulo noma agqunywe ejele isikhathi esingedluli iminyaka emihlanu.
Noma yimuphi umuntu, othi ngaphandle kwemvume, asebenzise noma obhekene nokusetshenziswa kwanoma yiliphi igama, isihloko noma uphawu loMnyango, lapho ukusetshenziswa okunje kuhleliwe noma kungahle kuholele abantu ukuba bacabange ukuthi kugunyazwe ngaphansi kwalo Mthetho, unecala futhi ekulahweni yicala kungenzeka akhokhiswe inhlawulo noma agqunywe ejele isikhathi esingedluli iminyaka emihlanu.
Ngokukhuthazwa koMthetho wokutholakala koLwazi ka 2000 Act No.
Noma yimuphi umuntu oziveza ngokungelona iqiniso azenze ilungu loMbuthowezokuVikela noma loMnyango, unecala futhi ekulahlweni yicala angakhokhiswa inhlawulo noma agqunywe ejele isikhathi esingedluli iminyaka emihlanu.
Noma yimuphi umuntu ovimbela noma ophazamisa uMbutho wezokuVikela ekwenzeni umsebenzi wawo ngokwalomthetho woMthethosisekelo, unecala futhi ekulahlweni yicala angakhokhiswa inhlawulo noma agqunywe ejele isikhathi esingedluli iminyaka engamashumi amabili nanhlanu.
Noma yimuphi umuntu ovumisa noma ozama ukuvumisa noma yiliphi ilungu loMbutho wezokuVikela ukuba linganaki, noma lenze okuqophisana nomsebenzi walo eMbuthweni wezokuVikela, unecala futhi kulahlweni yicala angakhokhiswa inhlawulo noma agqunywe ejele isikhathi esingedluli iminyaka emihlanu.
Noma yimuphi umuntu okufanele asebenze Mbuthweni wezokuVikela ngenxa yenkontileka yensebenzo kwezamasosha anayo noMbutho ezokuVikela, futhi owenqaba ukwenza umsebenzi onje, unecala futhi ekulahlweni yicala angakhokhiswa inhlawulo noma agqunywe ejele isikhathi esingedluli unyaka owodwa.
Noma yimuphi umuntu obutha noma ozama ukubutha noma yiliphi ilungu loMbutho oseMbuthweni ngokuPhelele ukuba lithathe ubulungu banoma iyiphi inyunyana yezemisebenzi ngaphandle kwenyunyana yezemisebenzi yasemasosheni evunyelwe ngokufanele ukuba isebenze kanjalo, noma obhebhezela noma ozama ukubhebhezela ilungu loMbutho wezokuVikela ukuba lihlanganyele ezitelekeni, ekukhombiseni ukukhononda ezitaladini noma ekukhonondeni, okwenqatshelwe ngokwemithetho unecala futhi ekulahlweni yicala angakhokhiswa inhlawulo noma agqunywe ejele isikhathi esingedluli iminyaka emihlanu.
Noma yiliphi ilungu loMbutho wezokuVikela noma lanoma iyiphi insebenzo engeyokusiza elihlanganyela kunoma yisiphi isiteleka noma isenzo sokuteleka esivela kamuva, linecala futhi ekulahlweni yicala angakhokhiswa inhlawulo noma agqunywe ejele isikhathi esingedluli iminyaka emihlanu.
Noma yiliphi ilungu noma isisebenzi zoMnyango esithi, ngendlela yenhloso nokunganaki sephule noma sehluleke ukulandela izimiso ezenziwe ngaphansi kwalo Mthetho, unecala futhi ekulahlweni yicala angakhokhiswa inhlawulo noma agqunywe ejele isikhathi esingedluli unyaka owodwa.
Noma yimuphi umuntu othi, ngaphandle kwemvume, aveze ukwaziwa komthombo ocashile woMnyango, unecala futhi ekulahlweni yicala Angakhokhiswa inhlawulo noma agqunywe ejele isikhathi esingedluli iminyaka engamashumi amabili nanhlanu.
Noma yimuphi umuntu obukela phansi noma ovalela, noma ofuna ukubukela phansi noma avalele noma iyiphi inqubo yokwenza yokulungiswa kwezikhalo, unecala futhi ekulahlweni yicala angakhokhiswa inhlawulo noma agqunywe ejele isikhathi esingedluli iminyaka emihlanu.
Noma yiliphi ilungu loMbutho wezokuVikela elingazihluphi ukwazisa umphathisikhundla obekiwe ngekheli lalo kanye nokunye ukuguquka kwemininingwane njengoba kungahle kubekwe , linecala futhi ekulahlweni yicala angakhokhiswa inhlawulo noma agqunywe ejele isikhathi esingedluli izinyanga eziyisithupha.
h engena, endiza ngaphezulu noma ngandlela thize eqoqa noma ethola indlela yokungena olwazini olubekwe ngokohlobo lokuthi lungafinyelelwa yinoma ngubani ezikhungweni ezithile ezingavulelwe noma ngubani, izinto ezifakiwe noma ezikhalini zoMnyango.
iiephethe, noma enza imifanekiso yemidwebo, izithombe, enza izinyatheliso, ngokwe-elekhtronikhi noma nganoma iyiphi enye indlela eqopha noma ethola imininingane yezemishini ezikhungweni ezingavulelwe noma ngubani, izinto ezifakiwe noma ezikhalini zoMnyango.
enikezela noma eveza komunye umuntu noma elahlekelwa noma ethola kunoma yiliphi ilungu noma isisebenzi soMnyango, amakhophi, imidwebo, izithombe, izinyatheliso, okuqoshiwe kweze-elekhtronikhi nokungekhona okwe-elekhtronikhi kolwazi lwezemishini okubhekiswe kulo endimeni engaphansi kweyesibili.
b Noma yimuphi umuntu olahlwe yicala elishiwo endimeni a kungenzeka ahlawuliswe noma agqunywe ejele isikhathi esingedluli iminyaka engama-25.
ix okuthi ngenhloso noma ngokunganaki ehluleke ukuthatha izinyathelo ezifanele ukuvimba ukusetshenziswa ngokungemthetho, ngendlela engafanele, ngendlela yokumosha njengoba kubekwe kuMthetho wokuBhekwa kweziMali zikaHulumeni ka 1999 Act No. 1 of 1999 ; noma x kuthi ngenhloso noma ukunganaki ngaphandle kwesizathu esizwakalayo aqoqe izimali ezingaphansi kwalezo okudingeka aziqoqele uMnyango.
b Noma yimuphi umuntu olahlwe yicala elishiwo endimeni a uyolindeleka ukuba akhokhe inhlawulo noma agqunywe ejele isikhathi esiyiminyaka engengaphezu kwengu 10.
kuthi ekhona ebhodini yophenyo emva kokufakelwa amsamanisi noma ukutshelwa ukuba eze njengofakazi, ale noma ehluleke ukuthatha izifungo noa ukusho ukuthi okushiwoyo kuyiqiniso yini oma cha; noma iii asebenzise ulimi oluqojeme nolunenhlamba ebhodini yophenyo noma adala isimo sokuphazamisa okwenziwa, ukwesabisa noma enze noma yisiphi esinye isenzo esingahudulela igama leBodi yoPhenyo phansi ngezindlela ezehlukene.
b noma yimuphi umuntu oyotholwa enecala eliphathelene nokubekwe kwindima b uyohlawuliswa noma agqunywe ejele isikhathi esingengaphezu kwezinyanga ezintathu.
Noma ubani okuyothi ebhodini yophenyo atshele ibhodi okungelona iqiniso ngamabomu unecala angahlawuliswa noma agqunywe ejele isikhathi esingengaphe konyaka.
Noma ililphi ilungu loMbutho wezokuVikela noma umsebenzi woMnyango ukuziphatha kwalo noma elikushoyo okuthunaza kwehlise isithunzi noma kukhombise inzondo kwabanye ngenxa yobuhlanga balowo muntu, ubulili, ukukhulelwa, isimo sokushada, imvelaphi yobuzwe noma yezokuhlalisana, ibala, ubunjalo ngokwezocansi, ubudala, ukukhubazeka, inkolo, unembeza, inkolelo, isiko, ulimi noma ukuzalwa, liyotholakala linecala elingagqunywa ejele ngalo iminyaka engengaphezu kwemihlanu.
Lapho ilungu noma isisebenzi soMnyango silahlwe yinoma yiliphi icala futhi nokwenziwa kwecala okucetshwa kuhambisana nokuziphatha okucunulayo okucetshwa esigabeni , ukuziphatha okunje kufanele kuthathwe njengephuzu elenza kube kubi kakhulu ekubekeni isigwebo kobekwe icala.
Ngokwezigaba , no imithetho ephawulwe ohlwini iyachithwa ngalokhu ukufika ebangeni elibekwe emhlandleni wesithathu walolo luHla.
Noma yimuphi umthetho noma isaziso esikhishiwe noma ukuqashwa osekwenziwe noma yini eyenziwe ngaphansi komthetho osulwe ngokwesigaba 1 kuyothathwa sengathi kukhishwe, kwenziwa ngokuhambisana nemithetho engaphansi kwaloMthetho kanti kufuneka kuthi maqondana nanoma yimuphi uMbutho, nemisebenzi ukuqeqeshwa nemisebenzi eyayenziwa ngaphansi kwawo ithathwe sengathi ihambisana nemibutho nemisebenzinokuqeqeshwa okungaphansi kwalomthatho.
Noma wubani ekuqaleni kwalomthetho owayeyilungu lanoma yimuphi umbutho noma umsebenzi owasungulwa ngaphansi komthetho osuwasulwa kufanela athathwe njengobhalisiwe njengelungu lombutho ofana nalowo, imisebenzi esungulwe ngaphansi kwalomthetho enikwe iyunithi nabanye abasebenza kuyo kusukela ekuqalweni komthetho, nokuqeqeshwa okwenziwe noma umsebenzi owenziwe ngumuntu onjalo noma kuwuphi umbutho noma umsebenzi ngaphambi kokuba uqale ukusebenza kufuneka athathwe njengowakwenza konke loko noma owasebenza emibuthweni noma emisebenzini efana naleyo esungulwe ngaphansi kwalomthetho.
Maqondana nalesigaba, noma yimuphi umbutho , irizevu noma umsebenzi owasungulwa noma ukuqeqeshwa noma umsebenzi owenziwa ngaphansi kwanoma yimuphi umthetho osewasulwa uyohambisana nombutho, irizevu noma umsebenzi owasungulwa noma ukuqeqeshwa noma umsebenzi obekelwe ukwenziwa ngaphansi kwalomthetho igama, incazelo nesikhundla sawo esicishe sifane.
LoMthetho ubizwa ngokuthi nguMthetho wezokuVikela ka 2001. Uyoqala ukusebenza ngosuku oluyonqunywa nguMongameli ngokuwushicilela kwiGazethi.
Eminye yemigomo esingethe ezokuphepha njengoba ibekwe kwisigaba 198 (b) soMthethosisekelo wukuthi "(uku) khetha ukuphila ngokuthula noxolo, loko kusiza noma yisiphi isakhamuzi saseNingizimu Afrika ukuba singangeni kwezempi kuzwelonke nasemazweni omhlaba ngaphandle uma kubekwe ngokoMthethosisekelo noma uMthetho kaZwelonke". Ngokwesigaba 199 soMthethosisekelo imibutho yezokuphepha kufanele imiswe ngumthetho kazwelonke nangokwesigaba 204 soMthethosisekelo, abantu abangena oPhikweni lwezokuVikela kufanele bemukelwe ngokomthetho kazwelonke.
Izinhloso zoMthethosivivinywa wukwesula uMthetho wezokuVikela, 1957 (ngaphandle kokubekwe maqondana nokuqondiswa kwezigwegwe kwamasotsha, okuyokwenziwa ngomthetho ohlukile), nokwenza ukuba elaseRiphabhliki livikeleke ngendlela eyocabangela konke esikuthathela phezulu okuqukethwe kuMthethosisekelo maqondana nemisebenzi yezokuphepha. Kunesincomo sokuthi uMnyango wezokuVikela kufuneka wakhiwe wuPhiko lwezokuVikela noMbutho kaZwelonke wezokuVikela eNingizimu Afrika nemisebenzi eyimixhantela. UMbutho wezokuVikela kufanele wakhiwe nguMbutho Osebenza ngokuPhelele nowamaRizevu. Kuhlongozwa nokuthi uNobhala wezokuVikela abe yiNhloko yoMnyango futhi abe ngumgcini wamabhuku ezimali zoMnyango njengoba kulindeleke ngokoMthetho wezeZimali.
UMthetho wenza ukuba konke okuqukethwe kwi"White Paper" yezokuVikela kwenzeke, kuthi nobulungu boMbutho bube yinto umuntu ayenza ngoba ethanda. Kodwa-ke uMthethosivivinywa ubeka ukuthi abantu abaqashelwe imisebenzi yezokuvikela bayophoqeka ukuhlala kuleyomisebenzi ngesikhathi sempi, ngesikhathi sokuvikela izwe nanoma kunesimo esiphuthumayo. Ngezikhathi ezinje kungase kuviviswe ngempoqo ngokomthetho okhishwa nguMongameli. Kunamalungiselelo enele enzelwe ukuba abantu bakwazi ukuthola ukukhululeka nokuhlehlisa ukuya kwabo embuthweni wezempi.
d Umkhandlu wezokuVikela neminye imikhandlu; kanye e Nokubambisana neminye imibutho kuhlangene nemibutho evakashele eRiphabhlikhi.
Ngaphambi kokuba uMthethosivivinywa wethulwe ePhalamende ukuze wemukelwe, wasakazwa kuyo yonke iminyango kaHulumeni ukuze ibeke imibandela ngawo. Kwaba nezingxoxo zokubonisana nabamele uMnyango wezokuPhepha nezikhungo zobuNhloli.
Akukho kuthinteka kungakanani embusweni maqondana noMthethosivivinywa okungeke kubhekelwe ngaphansi kwesabelo sezimali zoMnyango wezokuVikela.
